Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 32:33 - Contemporary Zulu Bible 2024

33 UMose wabanika abantwana bakwaGadi, nabantwana bakwaRubeni, nenxenye yesizwe sakwaManase, indodana kaJosefa, umbuso kaSihoni, inkosi yama-Amori, nombuso ka-Ogi, inkosi yaseBashani, izwe nemizi yalo emikhawulweni, imizi yezwe nxazonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 UMose wayesebanika abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni nenxenye yesizwe sakwaManase indodana kaJosefa umbuso kaSihoni inkosi yama-Amori nombuso ka-Ogi inkosi yaseBashani, izwe nemizi yalo namaphethelo ayo, imizi yezwe nxazonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

33 UMose wayesenika abozalo lukaGadi nabolukaRubeni nengxenye yesizwana sakwaManase, indodana kaJosefa, umbuso kaSihoni inkosi yama-Amori nombuso ka-Ogi inkosi yaseBhashani, izwe nemizi nezifunda ezizungeze imizi yezwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 32:33
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Esiqingatheni sesizwe sakwaManase yizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili, ababizwa ngamagama ukuba zize zibeke uDavide inkosi.


Abafowabo, amaqhawe anamandla, babe yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisikhombisa izinhloko zezindlu zoyise, inkosi uDavide eyababeka phezu kwabakwaRubeni, nabakwaGadi, nengxenye yesizwe sakwaManase, emsebenzini wonke kaNkulunkulu nomsebenzi wenkosi.


Abantwana bakwaRubeni nabakwaGadi nengxenye yesizwe sakwaManase, emadodeni anamandla, ahloma izikhali nezinkemba, acibishela idandili, anekhono lokulwa, babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nane namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha, abaphuma umkhosi empini.


Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi babenezinkomo eziningi kakhulu; lapho bebona izwe laseJazeri nezwe lakwaGileyadi, indawo leyo yayiyindawo yezinkomo;


Sizachapha sihlomile phambi kwe Nkosi, siye elizweni leKhanani, ukuze ifa lethu elisempumalanga kweJordani libe ngelethu.


Ngokuba isizwe sabantwana bakwaRubeni ngokwezindlu zoyise, nesizwe sabantwana bakwaGadi ngokwezindlu zoyise, sazuza ifa laso; inxenye yesizwe sakwaManase yazuza ifa laso.


Izizwe ezimbili nengxenye yesizwe zadla ifa lazo nganeno kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga ngasempumalanga.


Salithatha izwe labo, salinika abakwaRubeni nabakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase njengefa.


Lawa angamakhosi ezwe anqoba abantwana bakwa-Israyeli, adla izwe labo ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, kusukela emfuleni i-Arinoni kuze kufike entabeni yaseHermoni nasethafeni lonke ngasempumalanga.


Banqoba uMose inceku kaJehova nabantwana bakwa-Israyeli; uMose, inceku kaJehova, walinika abakwaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, laba yifa.


Ngokuba uMose wazinika ifa lezizwe ezimbili nenxenye ngaphesheya kweJordani, kepha amaLevi akawanikanga ifa phakathi kwazo.


Manje uJehova uNkulunkulu wenu ubanikile abafowenu ukuphumula njengokusho kwakhe kubo; ngalokho buyelani manje, niye ematendeni enu nasezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani.


Ingxenye yesizwe sakwaManase uMose wayinika izwe eBashani, kepha enye ingxenye yalo uJoshuwa wayinika phakathi kwabafowabo phesheya kweJordani ngasentshonalanga. Futhi lapho uJoshuwa wabamukisa ematendeni abo, wababusisa.


Amanye amaHeberu awela iJordani, aya ezweni lakwaGadi nelakwaGileyadi. Kepha uSawule wayeseseGiligali, bonke abantu bamlandela bethuthumela.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka