Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 32:32 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Siyakuwela, siye ezweni laseKhanani phambi kukaJehova sihlomile, izwe lefa lethu lisale nokho ngaphesheya kweJordani.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

32 Siyakuwela sihlomile phambi kukaSimakade, siye eKhanani, nokho izwe eliyifa lethu liyosala lingelethu ngaphesheya kweJordani.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Sizachapha sihlomile phambi kwe Nkosi, siye elizweni leKhanani, ukuze ifa lethu elisempumalanga kweJordani libe ngelethu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 32:32
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Kuyakuthi lapho senifikile ezweni laseKhanani engininika lona libe yifa lenu, ngifake isifo sochoko endlini yezwe eniliphiweyo,


Ngokuba asiyikulidla ifa nabo ngaphesheya kweJordani nangaphambili, lokhu silidlile elethu nganeno kweJordani ngasempumalanga.”


Abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni baphendula bathi: “Njengalokho uJehova eshilo kuzo izinceku zakho, siyakwenze njalo.


UMose wayesebanika abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni nenxenye yesizwe sakwaManase indodana kaJosefa umbuso kaSihoni inkosi yama-Amori nombuso ka-Ogi inkosi yaseBashani, izwe nemizi yalo namaphethelo ayo, imizi yezwe nxazonke.


lezi zizwe ezimbili nenxenye zathola ifa lazo ngaphesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga, lapho kuphuma khona ilanga.”


Lawa angamazwi uMose awakhuluma kubo bonke abakwa-Israyeli ngaphesheya kweJordani ehlane e-Araba, malungana neSufi, phakathi kwePharanu, neThofeli, neLabani, neHaseroti, neDi Zahabi,


sathatha izwe lakubo, salinika laba yifa labakwaRubeni, nelabakwaGadi, nelenxenye yesizwe sabakwaManase.


“Lelo zwe salidla ngaleso sikhathi; izwe elisukela e-Aroweri elisesigodini sase-Arinoni, nenxenye yezintaba zakwaGileyadi, nemizi yalo, sabanika khona abakwaRubeni nabakwaGadi;


Lawa angamakhosi ezwe anqotshwa ngabantwana bakwa-Israyeli, belidla izwe lawo ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, kusukela esigodini sase-Arinoni kuze kube sentabeni yaseHermoni, nalo lonke i-Araba ngasempumalanga:


UMose inceku kaJehova nabantwana bakwa-Israyeli babebabulele; uMose inceku kaJehova wabanika lona abakwaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, laba yifa labo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka