Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 22:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Amalunga akwaMowabi namalunga akwaMidiyani asuka enenkokhelo yokubhula esandleni sawo; ayesefika kuBileyamu, akhuluma kuye amazwi kaBalaki.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 Amalunga akwaMowabi nawakwaMidiyani ahamba ephethe ugxa, aya kuBhileyamu, afike akhuluma kuye amazwi kaBhalaki.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Abadala bakwaMowabi namalunga akwaMidiyani asuka ephethe umvuzo wokubhula esandleni sawo; zafika kuBileyamu, zakhuluma kuye amazwi kaBalaki.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 22:7
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Izikhulu zakho ziyizihlubuki nabangane bamasela; bonke bathanda izipho, balandela imivuzo; abahluleli izintandane, nendaba yomfelokazi ayifinyeleli kubo.


Yebo, bayizinja ezihahayo, abakwazi ukusutha; yebo, laba bangabelusi abangenakuqonda, baphendukela bonke ezindleleni zabo, kube yilowo nalowo enzuzweni yakhe, bonke kanyekanye.


nina eningingcolisa phakathi kwabantu bami ngezinkweshe zebhali* nangezingcezu zesinkwa ngokubulala imiphefumulo ebingayikufa nokusindisa imiphefumulo ebingayikuphila ngokuqamba kwenu amanga kubantu bami abalalela amanga, na?


Ngokuba inkosi yaseBabele isimi egumbini lezindlela engosini yezindlela zombili ukuba ibhule; ixhakazisa imicibisholo, ibuza amatherafi,* ibheka esibindini.


elizinhloko zalo zahlulela ngemivuzo, nelibapristi balo bafundisa ngenkokhelo, nelibaprofethi balo babhula ngemali, bencike nokho kuJehova, bethi: “UJehova akaphakathi kwethu na?” Asiyikwehlelwa ngokubi.


Wathi-ke kuwo: “Hlalani lapha lobu busuku, nginibuyisele izwi, njengalokhu uJehova eyakukhuluma kimi.” Izikhulu zakwaMowabi zahlala-ke kuBileyamu.


Ayikho imilingo engamelana noJakobe; akukho ukubhula okungamelana no-Israyeli; manje sekuyashiwo ngoJakobe nango-Israyeli ukuthi uNkulunkulu wenzeni.


UBileyamu esebonile ukuthi kwakukuhle kuJehova ukubusisa u-Israyeli, akayanga njengakuqala ukulindela imilingo, kepha wabhekisa ubuso bakhe ngasehlane.


ngokuba abanjalo abayikhonzi iNkosi yethu uKristu, bakhonza isisu sabo; nangamazwi amahle namnandi bakhohlisa izinhliziyo zabangenacala.


abamelwe ukuthuliswa, abachitha indlu iphela, befundisa okungafanele ngenxa yenzuzo embi.


UBileyamu indodana kaBeyori, umbhuli, naye bambulala abantwana bakwa-Israyeli ngenkemba phakathi kwabanye ababulawa yibo.


beshiya indlela eqondileyo beduka, belandela indlela kaBalami kaBeyori owathanda umvuzo wokungalungi,


Maye kubo, ngokuba bahamba endleleni kaKayini, bagijimela ekudukeni kukaBalami ngenxa yomvuzo, babhubha ekuphikeni kukaKora!


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka