Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 22:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Wathi-ke kuwo: “Hlalani lapha lobu busuku, nginibuyisele izwi, njengalokhu uJehova eyakukhuluma kimi.” Izikhulu zakwaMowabi zahlala-ke kuBileyamu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 UBhileyamu wathi kuwo: “Lalani lapha ngalobu busuku banamuhla, ngizoninika izwi njengalokho azakukusho kimi uSimakade.” Alala lapho amalunga akwaMowabi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Wathi kubo: “Hlalani lapha namuhla ebusuku, ngizakunibikela izwi, njengalokho uJehova eyakukhuluma kimi; izikhulu zakwaMowabi zahlala kuBileyamu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 22:8
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha lowo muntu kaNkulunkulu wathi enkosini: “Noma unginika inxenye yendlu yakho, angiyikuya khona nawe; futhi angiyikudla isinkwa, ngiphuze amanzi kuleyo ndawo;


Kepha uMikhaya wathi: “Kuphila kukaJehova, lokhu uJehova akushoyo kimi, lokhu ngiyakukhuluma khona.”


Ubatshalile, futhi bagxilile; bayakhula, bathela izithelo; useduze nomlomo wabo, kepha ukude nezinhliziyo zabo.


Bafika kuwe njengokufika kwabantu, bahlala phambi kwakho njengabantu bami, bezwa amazwi akho, abawenzi kodwa, ngokuba ngomlomo wabo babonakalisa uthando olukhulu, kepha inhliziyo yabo ilandela inzuzo yabo.


Wayesethi: “Yizwani manje amazwi ami: uma kukhona umprofethi phakathi kwenu, mina Jehova ngiyakuzibonakalisa kuye ngombono, ngikhulume kuye ngephupho.


UBileyamu waphendula wathi kuzo izinceku zikaBalaki: “Noma uBalaki ebeyakunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide, anginakulidlula izwi likaJehova uNkulunkulu wami ukwenza okuncane nokukhulu.


UBileyamu wathi kuBalaki: “Bheka, sengifikile kuwe, anginamandla nokho manje okukhuluma utho. Izwi uNkulunkulu alifaka emlonyeni wami, ngiyakukhuluma lona.”


Amalunga akwaMowabi namalunga akwaMidiyani asuka enenkokhelo yokubhula esandleni sawo; ayesefika kuBileyamu, akhuluma kuye amazwi kaBalaki.


UNkulunkulu wafika kuBileyamu, wathi: “Ngobani lawa madoda akuwe na?”


Waphendula wathi: “Angiyikuqaphela ukukhuluma lokhu uNkulunkulu akufakile emlonyeni wami na?”


UBileyamu wathi kuBalaki: “Yima ngasemnikelweni wakho wokushiswa, mina ngihambe; mhlawumbe uJehova angafika ukungihlangabeza; konke angitshengisa khona ngiyakukutshela.” Waya edulini elingenalutho.


‘Noma uBalaki ebeyakunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide, anginakulidlula izwi likaJehova ngenhliziyo yami ukwenza okuhle noma okubi; akukhulumayo uJehova lokhu ngiyakukukhuluma,’ na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka