Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 22:7 - IsiZulu 2020

7 Amalunga akwaMowabi nawakwaMidiyani ahamba ephethe ugxa, aya kuBhileyamu, afike akhuluma kuye amazwi kaBhalaki.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Amalunga akwaMowabi namalunga akwaMidiyani asuka enenkokhelo yokubhula esandleni sawo; ayesefika kuBileyamu, akhuluma kuye amazwi kaBalaki.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Abadala bakwaMowabi namalunga akwaMidiyani asuka ephethe umvuzo wokubhula esandleni sawo; zafika kuBileyamu, zakhuluma kuye amazwi kaBalaki.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 22:7
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Izikhulu zakho zingabahlubuki nabangani bamasela; bonke bathanda ukufunjathiswa, balandela izipho nemivuzo. Abazivikeli izintandane, nendaba yomfelokazi ayifinyeleli kubo.


Yebo, bayizinja ezihahayo, abesuthi; abelusi nabo bonke ngothi lwabo abanakuqonda, baphendukele bonke ezindleleni zabo; yilowo nalowo enzuzweni yakhe.


Nina ningihlambalazile kubantu bami, ngoba nifuna inkeshezana yebhali nezingcezwana zesinkwa. Nibulale labo obekungafanele bafe, nalondoloza labo ebebengezukuphila, lapho nikhuluma amanga kubantu bami abawalalelile.”


Ngokuba inkosi yaseBhabhele isimi egumbini lezindlela, engosini yezindlela zombili, ukuba ibhule; ixhakazisa imicibisholo, ibuza amatherafi, ihlola esibindini.


Izinhloko zalo zehlulela ngokugwazelwa, abaphristi balo bafundisa ngenxa yokukhokhelwa, nabaphrofethi babhula ngenxa yesiliva, bethembele kuSimakade, bethi: “Akekho yini phakathi kwethu uSimakade na?” Asiyukwehlelwa yinhlekele.


UBhileyamu wathi kuwo: “Lalani lapha ngalobu busuku banamuhla, ngizoninika izwi njengalokho azakukusho kimi uSimakade.” Alala lapho amalunga akwaMowabi.


Akukho mlingo ongamelana noJakobe, nakubhula okungamelana no-Israyeli. Manje sekuzothiwa ngoJakobe nango-Israyeli: ‘Bukani okwenziwe nguNkulunkulu!’


Kuthe lapho uBhileyamu ebona ukuthi kuyamthokozisa uSimakade ukubusisa u-Israyeli, wangabe esahamba njengasemihleni ukuyofuna imilingo, kodwa waphendukela ngasogwadule.


ngokuba abanjalo abayizo izikhonzi zeNkosi yethu uKhristu, kepha bakhonza isisu sabo; kuthi ngamazwi ashelelayo nathophayo badukise izinhliziyo zabangenacala.


okufanele bavalwe umlomo bathuliswe, abadunga wonke umndeni, befundisa okungafanele ngenxa yenzuzo embi.


Phakathi kwalabo u-Israyeli ababulala ngenkemba kwakungoBhileyamu, indodana kaBheyori owayengumbhuli.


Bashiye indlela eqondileyo, baduka, balandela indlela kaBhalamu indodana kaBheyori owayethanda umvuzo ongalungile.


Maye, kubo, ngokuba bahamba endleleni kaKhayini, bagijimela nasephutheni likaBhalamu alenza ngenxa yomvuzo; babhubha njengoKhora owahlubukayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka