Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 18:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 UJehova wakhuluma ku-Aroni, wathi: “Bheka, mina ngikunike ukugcina iminikelo yami yokuphakanyiswa; zonke izinto ezingcwelisiwe zabantwana bakwa-Israyeli ngikunikile zona wena namadodana akho ngenxa yokugcotshwa, kube yisimiso esiphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 USimakade wakhuluma ku-Aroni, wathi: “Uyabona-ke, Mina ngikunike igunya phezu kweminikelo yami naphezu kwazo zonke izipho ezingcwele zabantu bakwa-Israyeli. Ngizinike wena namadodana akho njengengxenye eyisimiso sabaphristi phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 UJehova wakhuluma ku-Aroni, wathi: “Bheka, mina ngikunike umsebenzi weminikelo yami yokuphakanyiswa yazo zonke izipho ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli; ngikunikile wona ngenxa yokugcotshwa kwakho namadodana akho njengesimiso esiphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 18:8
32 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Imali yeminikelo yamacala, nemali yeminikelo yezono yayingangeniswa endlini kaJehova, yayingeyabapristi.


Washo kubantu abakhileyo eJerusalema ukuba banike abapristi namaLevi izabelo, ukuze babambelele emthethweni kaJehova.


Lanele ukusakazeka nje leli zwi, abantwana bakwa-Israyeli banikela kakhulu ngolibo lwamabele, nolwewayini, nolwamafutha, nolwezinyosi, nakuzo zonke izithelo zamasimu, baletha kakhulu okweshumi kwakho konke.


u-Aroni namadodana akhe bawafake, nxa bengena etendeni lokuhlangana, nanxa besondela e-altare ukuyokhonza endaweni engcwele, ukuba bangathwali ububi, bafe; kuyakuba yisimiso kuye nakuyo inzalo yakhe emva kwakhe kuze kube phakade.


Wothabatha igazi elise-altare namafutha okugcoba, ufafaze ngakho u-Aroni nezambatho zakhe, namadodana akhe nezambatho zamadodana akhe, abe ngcwele yena nezambatho zakhe, namadodana akhe nezambatho zamadodana akhe.


kuyakuba ngokuka-Aroni nokwamadodana akhe, kube yimfanelo ephakade kwabakwa-Israyeli, ngokuba kungumnikelo wokuphakanyiswa; koba ngumnikelo wokuphakanyiswa wabantwana bakwa-Israyeli womhlatshelo weminikelo yabo yokuthula, umnikelo wabo wokuphakanyiswa kuJehova.


“Izambatho ezingcwele zika-Aroni ziyakuba ngezamadodana akhe emva kwakhe ukuba bagcotshwe, bahlukaniselwe, bembathe zona.


Umembathise u-Aroni izambatho ezingcwele, umgcobe, umngcwelise ukuba angikhonze esikhundleni sobupristi.


uwagcobe, njengalokho wamgcoba uyise, ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi, ukugcotshwa kwabo kube ngubupristi obuphakade kubo ezizukulwaneni zabo.”


Kuyakuthi ngalolo suku umthwalo walo ususwe emahlombe akho nejoka lalo entanyeni yakho. Liyakhuphuka eRimoni,


“ ‘Ongumpristi omkhulu phakathi kwabafowabo, kuthelwe ekhanda lakhe amafutha okugcoba, nowahlukaniselwa ukuba embathe izambatho, akayikuthukulula izinwele zekhanda lakhe, angaklebhuli izambatho zakhe,


Umpristi uyakuzizulisa kanye nesinkwa solibo zibe ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova kanye nezimvu ezimbili; ziyakuba ngcwele kuJehova, zibe ngezompristi.


Okuseleyo kuwo kuyakudliwa ngu-Aroni namadodana akhe, kudliwe ngaphandle kwemvubelo endaweni engcwele, bakudlele egcekeni letende lokuhlangana.


Bonke abesilisa phakathi kwabantwana baka-Aroni bayakukudla kube yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu seminikelo yomlilo kaJehova; konke okukuthintayo kuyakuba ngcwele.’ ”


“Nanku umnikelo ka-Aroni nowamadodana akhe abayakunikela ngawo kuJehova mhla begcotshwa: okweshumi kwe-efa* lempuphu ecolekileyo kube ngumnikelo wempuphu njalonjalo, inxenye yakho ekuseni nenxenye yakho kusihlwa.


Umpristi onikela ngawo ngesono wowudla, udliwe endaweni engcwele egcekeni letende lokuhlangana.


Athabathe kuwo libe linye njalo eminikelweni yakhe, libe ngumnikelo ophakanyiswayo kuJehova, libe ngelompristi ofafaza ngegazi leminikelo yokuthula.


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Bonke abesilisa phakathi kwabapristi bayakuwudla, udliwe endaweni engcwele; ungcwelengcwele.


UMose wayesethatha amafutha okugcoba, negazi elalise-altare, wafafaza ngalo u-Aroni nezambatho zakhe, namadodana akhe kanye naye, nezambatho zamadodana akhe, wangcwelisa u-Aroni nezambatho zakhe, namadodana akhe kanye naye, nezambatho zamadodana akhe.


Lokhu kuyakuba ngokwakho ezintweni ezingcwelengcwele ezisale emlilweni: yonke iminikelo yabo, yonke iminikelo yabo yempuphu, nayo yonke iminikelo yabo yesono, nayo yonke iminikelo yabo yecala abanikela ngayo kimi iyakuba ngcwelengcwele kuwe nakumadodana akho.


Yonke iminikelo yokuphakanyiswa yezinto ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli abanikela ngayo kumpristi iyakuba ngeyakhe.


Anazi yini ukuthi abaphethe imisebenzi yethempeli badla okwethempeli nokuthi abakhonza e-altare bahlanganyela ne-altare na?


kuyakuthi kuleyo ndawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha ukuba kuhlale khona igama lakhe, niyise lapho konke enginiyala ngakho: iminikelo yenu yokushiswa, nemihlatshelo yenu, nokweshumi kwenu, nomnikelo wokuphakanyiswa wesandla senu, nezithembiso zenu ezikhethiweyo enizethembisa kuJehova;


nilethe khona iminikelo yenu yokushiswa, nemihlatshelo yenu, nokweshumi kwenu, nomnikelo wenu wokuphakanyiswa wesandla senu, nezithembiso zenu, neminikelo yenu yesihle, namazibulo ezinkomo zenu nawezimvu zenu,


“Abapristi bamaLevi, yebo, sonke isizwe sakwaLevi asiyikuba nasabelo nafa kanye no-Israyeli; siyakudla iminikelo yomlilo kaJehova nefa lakhe.


uyakuthi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho: ‘Ngikhiphile izinto ezingcwele endlini yami, ngamnika zona uLevi, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi njengayo yonke imiyalo ongiyale ngayo; angiweqanga nowodwa wemiyalo yakho, futhi angiyikhohlwanga.


Uthandile ukulunga, wazonda ububi; ngalokho-ke uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ukugcobile ngamafutha enjabulo ngaphezu kwabafowenu,”


Nina ninokugcotshwa okuvela koNgcwele, niyazi nonke.


Nina-ke, ukugcoba enakwamukela kuye kuhlala kini, anidingi ukuba nobani anifundise; kodwa lokhu ukugcoba kwakhe okunifundisa khona ngakho konke kuyiqiniso, akusiwo amanga, nanjengokuba kunifundisile, hlalani kuye.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka