Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 18:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Wena namadodana akho kanye nawe niyakugcina ubupristi kukho konke okwe-altare, nakukho konke okuphakathi kwesihenqo; niyakukhonza; ngiyaninika ubupristi njengenkonzo yesipho; umfokazi osondelayo wobulawa.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 Wena, namadodana akho ahlala nawe, niyakugcina ubuphristi kukho konke okuphathelene ne-althare, nakukho konke okungaphakathi kwesihenqo. Lokhu kungumsebenzi wenu, ngokuba ngininika ubuphristi bube yinkonzo eyisipho kini, umfokazi osondelayo uyobulawa.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngalokho wena namadodana akho kanye nawe niyakuba ngubupristi kukho konke okwase-altare nangaphakathi kwesihenqo; niyakukhonza; ngininikile ubupristi benu njengesipho; futhi umfokazi osondelayo kumelwe abulawe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 18:7
28 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

O wena ndlu ka-Aroni, themba kuJehova; yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.


“Sondeza kuwe u-Aroni umfowenu namadodana akhe phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi, o-Aroni, noNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari, amadodana ka-Aroni.


Ubabhincise amabhande* u-Aroni namadodana akhe, uzibophe izigqoko kubo, babe nobupristi, kube yisimiso esiphakade, wahlukanise u-Aroni namadodana akhe.


“ ‘Kepha abapristi bamaLevi, amadodana kaSadoki, ababegcina inkonzo yendlu yami engcwele lapho abantwana bakwa-Israyeli beduka kimi, bayakusondela kimi, bangikhonze, beme phambi kwami, banikele kimi ngamanoni nangegazi, isho iNkosi uJehova;


bayakungena endlini yami engcwele, basondele etafuleni lami ukuba bangikhonze, bagcine inkonzo yami.


Anigcinanga inkonzo yezinto zami ezingcwele, kepha nibeke abayakunigcinela inkonzo endlini yami engcwele.


UJehova wathi kuMose: “Khuluma ku-Aroni umfowenu ukuba angangeni njalo endaweni engcwele ngaphakathi kwesihenqo ngaphambi kwesihlalo somusa esiphezu komphongolo, ukuze angafi, ngokuba ngiyakubonakala efwini phezu kwesihlalo somusa.”


Leso siyisabelo sika-Aroni nesabelo samadodana akhe seminikelo yomlilo kaJehova mhla ebaletha ukuba bamkhonze uJehova esikhundleni sobupristi,


Ekusukeni kwetabernakele* amaLevi ayakulisusa, ekumisweni kwalo amaLevi alimise; umfokazi osondelayo uyakubulawa.


ibe yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli, ukuze umfokazi ongesiye owenzalo ka-Aroni angasondeli ukushisa impepho phambi kukaJehova, angabi njengoKora neviyo lakhe, njengalokho uJehova wakhuluma kuye ngesandla sikaMose.


UJehova wathi ku-Aroni: “Awuyikuba nafa ezweni lakubo, futhi ungabi nasabelo phakathi kwabo; mina ngiyisabelo sakho nefa lakho phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.


Bayakugcina imfanelo yakho nenkonzo yetende lonke; kodwa abayikusondela empahleni yendlu engcwele nase-altare, ukuze bangafi, nabo nani.


Uyakumisa u-Aroni namadodana akhe, bagcine ubupristi babo; umfokazi osondelayo uyakubulawa.”


Labo abamisa phambi kwetabernakele* ngasempumalanga, ngaphambi kwetende lokuhlangana ngasekuphumeni kwelanga, bayakuba ngoMose no-Aroni namadodana akhe, begcina inkonzo yendlu engcwele, begcina imfanelo yabantwana bakwa-Israyeli; umfokazi osondelayo uyakubulawa.


Phulukisani abagulayo, nivuse abafileyo, nihlambulule abanochoko, nikhiphe amademoni. Namukelisiwe ngesihle, yiphani ngesihle.


UJohane waphendula wathi: “Umuntu angelwamukele utho, uma engaluphiwanga luvela ezulwini.


Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele ngaphiwa lowo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKristu engaphenyekiyo


Asiyikuba nafa phakathi kwabafowabo; uJehova uyifa laso, njengalokho ekhulumile kuso.


Akukho muntu ozithathela leso sikhundla, kuphela obizelwa kuso nguNkulunkulu njengo-Aroni.


Ngokuba amaLevi awanasabelo phakathi kwenu, lokhu ubupristi bukaJehova buyifa lawo; oGadi noRubeni nenxenye yesizwe sakwaManase sebamukela ifa labo ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga abanika lona uMose inceku kaJehova.”


Yalusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu, kungabi ngokucindezelwa kodwa ngokwentando kaNkulunkulu, kungabi ngenxa yenzuzo eyihlazo kodwa ngenhliziyo evumayo,


kungabi njengabazenza amakhosi phezu kwamabandla enabelwa wona, kodwa nibe yizibonelo zomhlambi;


Ngamkhetha kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba abe ngumpristi wami, anikele e-altare lami, ashise impepho, afake ingubo yamahlombe phambi kwami, nganika indlu kayihlo yonke iminikelo yomlilo yabantwana bakwa-Israyeli.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka