Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UmShumayeli 7:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Inhliziyo yabahlakaniphileyo isendlini yokulila, kepha inhliziyo yeziwula isendlini yentokozo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Inhliziyo yohlakaniphile isendlini yabalilayo, kodwa inhliziyo yesiwula isendlini yentokozo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Inhliziyo yabahlakaniphileyo isendlini yokulila; kepha inhliziyo yeziwula isendlini yentokozo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UmShumayeli 7:4
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abisalomu wayala izinceku zakhe ngokuthi: “Bhekani, lapho inhliziyo ka-Amnoni ithokoza ngewayini nalapho ngithi kini: ‘Bulalani u-Amnoni,’ nimbulale ningesabi; angithi mina nginiyalile na? Yimani isibindi, nibe ngamaqhawe.”


Baphuma emini. Kepha uBeni Hadadi wayephuza waze wadakwa emadokodweni, yena namakhosi, amakhosi angamashumi amathathu nambili amsizayo.


Ngase ngithi mina enhliziyweni yami: “Woza, ngizakukulinga ngentokozo; mawubone okuhle nje.” Kepha nalokho kwakuyize.


Usizi lungcono kunokuhleka, ngokuba ngokudabuka kobuso inhliziyo yenzelwa okuhle.


Kungcono ukuzwa ukukhuza kohlakaniphileyo kunokuba umuntu ezwe ukuhlabelela kweziwula.


Ngadukelwa yingqondo, ngashaywa luvalo; ukuhwelela engakulangazelela kwaphenduka ukuthuthumela kimi.


Sebevuthile, ngiyakubenzela idili, ngibadakise ukuze baquleke, balale ubuthongo obuphakade, bangavuki,” usho uJehova.


Ngiyakudakisa izikhulu zalo nezihlakaniphi zalo, nezinduna zalo, nababusi balo, namaqhawe alo; bayakulala ubuthongo obuphakade, bangavuki,” isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti.


Ngalobo busuku uBelishasari inkosi yamaKaledi wabulawa.


Ngosuku lwenkosi yethu izikhulu zazigulisa ngokushisa kwewayini; yona yayiselulela izideleli isandla.


Lapho bethandela njengameva, benjengabaminzileyo ophuzweni lwabo, bayakuqedwa nokuqedwa njengamabibi omileyo.


U-Abigayili wafika kuNabali; bheka, wayenedili endlini yakhe, linjengedili lenkosi; inhliziyo kaNabali yayithokoza phakathi kwakhe, ngokuba wayephuze kakhulu; ngalokho akamtshelanga lutho oluncane nolukhulu kwaze kwaba sekuseni.


Wayesemehlisa; bheka, babehlakazekile endaweni yonke, bedla, bephuza, besina phakathi kwayo yonke impango ababeyithathile ezweni lamaFilisti nasezweni lakwaJuda.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka