Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UmShumayeli 7:4 - IsiZulu 2020

4 Inhliziyo yohlakaniphile isendlini yabalilayo, kodwa inhliziyo yesiwula isendlini yentokozo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Inhliziyo yabahlakaniphileyo isendlini yokulila, kepha inhliziyo yeziwula isendlini yentokozo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Inhliziyo yabahlakaniphileyo isendlini yokulila; kepha inhliziyo yeziwula isendlini yentokozo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UmShumayeli 7:4
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Absalomu wayala izinceku zakhe, wathi: “Niyabona-ke, kuyothi lapho selimngene iwayini u-Amnoni, ngiyothi kini: ‘Bulalani u-Amnoni,’ nimbulale, ningesabi, ngokuba niyobe niyalwe yimi ukwenza kanjalo. Yimani isibindi, nibe ngamaqhawe.”


Baphuma emini. UBheni Hadadi wayezigcingca ngotshwala emadokodweni, ekanye namakhosi angama-32 ayemsiza.


Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Woza ngikuvivinye ngentokozo ukuze ngibone okuhle.” Nalokho futhi kwakuyize.


Usizi lungcono kunokuhleka, ngokuba ngobuso obudangele inhliziyo iba nokujabula.


Kungcono ukulalela ukusola kohlakaniphileyo, kunokulalela iculo leziwula.


Inhliziyo yami iyadwanguza, iyathuthumela; ukuhwelela ebengikulangazelela kungehlele, sekuphenduke ixhala kimi.


Kuyothi lapho sebefa yindlala, ngibenzele idili, ngibadakise ukuze baquleke, balale ubuthongo baphakade, bangavuki,” kusho uSimakade.


Ngiyakudakisa izikhulu zalo; izihlakaniphi zakhona, izinduna zalo, ababusi balo, namabutho alo; bayakulala ubuthongo baphakade, bangavuki,” kusho iNkosi egama layo nguSimakade Wamabandla.


Ngalobo busuku uBhelishazari inkosi yamaKhaledi wabulawa.


Ngosuku lwenkosi yethu izikhulu zazigulisa ngokushisa kwewayini; yona yelula isandla sayo nezigebengu.


Lapho bethandela njengameva, isiphuzo sabo sifana nesezidakwa, bayakuqothulwa njengenswani eyomileyo.


U-Abhigayili wabuyela kuNabali; wafica enesiphihli sedili endlini yakhe, kungathi yidili lenkosi. Inhliziyo kaNabali yayithakasile ithe cosololo, ephuze kakhulu. U-Abhigayili akamtshelanga lutho oluncane nolukhulu kwaze kwaba sekuseni.


Yayisimehlisela kubo. Bheka, babehlakazeke indawo yonke; bedla, bephuza, besina ngenxa yempango ababeyidle ezweni lamaFilisti nakwaJuda.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka