Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 2:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Inkosi yaseJeriko yathumela kuRahabi, yathi: “Khipha lawo madoda afikile kuwe, angena endlini yakho, ngokuba ezile ukuzohlola izwe lonke.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Inkosi yaseJerikho yayisithumela umyalezo kuRahabi, yathi: “Khipha lawo madoda afikele kwakho, angena endlini yakho, ngokuba eze ukuzohlola lonke izwe.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Inkosi yaseJeriko yasithumela kuRahabi ukuthi: “Khipha amadoda afikile kuwe, angena endlini yakho, ngokuba afikile ukuhlola izwe lonke.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 2:3
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi emva kwezinyanga ezintathu uJuda watshelwa ukuthi: “UTamari umalokazana wakho ufebile; bheka, futhi ukhulelwe ngokufeba kwakhe.” UJuda wathi: “Mletheni, ashiswe.”


Sase sithi kuye: ‘Singabaqotho; asiyizo izinhloli;


Kepha izikhulu zabantwana bakwa-Amoni zathi kuHanuni inkosi yazo: “Imbala ngokubona kwakho uDavide uthume abaduduzi kuwe ukuba atuse uyihlo na? UDavide akazithumanga yini izinceku zakhe kuwe ukuba ziphenye umuzi, ziwuhlole, ziwuchithe, na?”


Zase zifika izinceku zika-Abisalomu kowesifazane endlini, zathi: “Baphi o-Ahimahasi noJonathani na?” Owesifazane wathi kuzo: “Bawuwele umfudlana.” Sezibafunile zingabatholanga, zabuyela eJerusalema.


Kepha izikhulu zabantwana bakwa-Amoni zathi kuHanuni: “Imbala ngokubona kwakho uthume abaduduzi kuwe ukuba atuse uyihlo na? Azifikanga yini izinceku zakhe kuwe ukuba ziphenye umuzi, ziwuchithe, ziwuhlole, na?”


bokuthi omubi ugodlelwa usuku lokubhujiswa nokuthi bayamukiswa ngosuku lwentukuthelo, na?


“Mkhiphele ngaphandle kwekamu* lowo othukile; bonke abamuzwa mababeke izandla zabo ekhanda lakhe, inhlangano yonke imkhande ngamatshe.


UPilatu wabuye waphuma, wathi kubo: “Bhekani, ngimkhiphela kini, ukuze nazi ukuba angifumani cala kuye.”


Wambamba, wamfaka etilongweni, wamnikela emaviyweni amane, yilelo nalelo linamabutho amane, ukuba amlinde, ehlose ukumkhuphulela ebantwini emva kwePhasika.


Kwathi mhla uHerode ebezakumphumisa, ngalobo busuku uPetru wayelele phakathi kwamabutho amabili, eboshiwe ngamaketanga amabili, nabalindi phambi komnyango begcina itilongo.


Benze njalo-ke; bawakhiphela kuye lawo makhosi omahlanu emhumeni: inkosi yaseJerusalema, nenkosi yaseHebroni, nenkosi yaseJarimuthi, nenkosi yaseLakishi, nenkosi yase-Egiloni.


Inkosi yaseJeriko yatshelwa; kwathiwa: “Bheka, kwafika lapha ebusuku amadoda abantwana bakwa-Israyeli ukuba ahlole izwe.”


Owesifazane wayesethatha lawo madoda omabili, wawathukusa, wathi: “Kunjalo; amadoda afika kimi, kepha ngangingazi ukuthi avelaphi;


Wathi kuye: “Yima emnyango wetende; kuyakuthi nxa kufika umuntu abuze kuwe athi: ‘Kukhona muntu lapha na?’ uthi: ‘Qha.’ ”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka