Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 2:3 - IsiZulu 2020

3 Inkosi yaseJerikho yayisithumela umyalezo kuRahabi, yathi: “Khipha lawo madoda afikele kwakho, angena endlini yakho, ngokuba eze ukuzohlola lonke izwe.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Inkosi yaseJeriko yathumela kuRahabi, yathi: “Khipha lawo madoda afikile kuwe, angena endlini yakho, ngokuba ezile ukuzohlola izwe lonke.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Inkosi yaseJeriko yasithumela kuRahabi ukuthi: “Khipha amadoda afikile kuwe, angena endlini yakho, ngokuba afikile ukuhlola izwe lonke.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 2:3
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Sekwedlule izinyanga ezintathu, uJuda wathola umbiko othi: “UThamari, umalokazana wakwakho, unecala lobufebe, useze wakhulelwa kulobo bufebe bakhe.” UJuda wathi: “Mkhipheleni eshashalazini, ashiswe ngomlilo.”


Sathi kuyo: ‘Siqotho thina, asizona izinhloli.


Kepha abaholi babantu bakwa-Amoni bathi kuHanuni, inkosi yabo: “Uma ubheka, ucabanga ukuthi uDavide uthumele abazokududuza ngoba ehlonipha uyihlo na? Akungakho yini ukuba izinceku zakhe zizohlola umuzi, bese ziwubhubhisa na?”


Izinceku zika-Absalomu zafika kowesifazane endlini, zathi: “Baphi o-Ahimahasi noJonathani na?” Owesifazane waphendula wathi kuzo: “Bawele umfudlana.” Lapho sezibathungathe zancama, zasuka zabuyela eJerusalema.


Kepha izikhulu zakwa-Amoni zathi kuHanuni: “Ngabe ucabanga ukuthi uDavide uthumele abazokududuza, ngokuba ehlonipha uyihlo na? Akazithumelanga yini izinceku zakhe ukuba zizohlola izwe nokuba ziwuqumbe phansi umbuso wakho na?”


bokuthi omubi uyokophulwa ngosuku lwenhlekelele, nokuthi bayaphunyuka ngosuku lwentukuthelo na?


“Mkhiphele ngaphandle kwenkambu lowo muntu othukile. Bonke abamuzwa mababeke izandla zabo ekhanda lakhe, inhlangano yonke imkhande ngamatshe.


UPilatu waphuma futhi, wathi kubo: “Niyabona-ke, ngimnikela kini, ukuba nazi ukuthi mina angifumananga cala kuye.”


Esembambile, wamfaka etilongweni, wamnikela emaviyweni amane, yilelo nalelo linamabutho amane, ukuba amlinde, ehlose ukuba emuva kwePhasika, amkhuphulele kubantu.


Kwathi ngosuku uHerode ayehlose ukumkhuphula ngalo amyise kubantu, ngalobo busuku uPhethro walala phakathi kwamabutho amabili, eboshwe ngamaketanga amabili, kukhona nabalindi phambi komnyango ababeqaphe ijele.


Benza kanjalo-ke; bawakhipha, bawaletha kuye lawo makhosi amahlanu ayesemgedeni: inkosi yaseJerusalema, inkosi yaseHebhroni, inkosi yaseJarimuthi, inkosi yaseLakhishi, nenkosi yase-Egiloni.


Inkosi yaseJerikho yabikelwa ukuthi: “Abanye bakwa-Israyeli bafikile kusihlwa ukuzohlola izwe.”


Kepha owesifazane wawathatha lawo madoda amabili wawafihla. Wayesethi: “Yebo, impela lawo madoda afikile kimi, kodwa angiwazanga ukuthi avelaphi.


Wathi kuye: “Yima emnyango wethende, uma kufika noma ngubani ebuza, ethi: ‘Kukhona bani lapha, na?’ ubothi: ‘Akukho muntu.’ ”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka