Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 2:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Inkosi yaseJeriko yasithumela kuRahabi ukuthi: “Khipha amadoda afikile kuwe, angena endlini yakho, ngokuba afikile ukuhlola izwe lonke.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Inkosi yaseJeriko yathumela kuRahabi, yathi: “Khipha lawo madoda afikile kuwe, angena endlini yakho, ngokuba ezile ukuzohlola izwe lonke.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Inkosi yaseJerikho yayisithumela umyalezo kuRahabi, yathi: “Khipha lawo madoda afikele kwakho, angena endlini yakho, ngokuba eze ukuzohlola lonke izwe.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 2:3
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi emva kwezinyanga ezintathu watshelwa uJuda ukuthi: UTamari umalokazana wakho uphingile; futhi bheka, ukhulelwe ngokuphinga. Wathi uJuda: “Mkhipheni, amshiswe.”


Sathi kuye: Singabantu abaqotho; asizona izinhloli.


Izikhulu zabantwana bakwa-Amoni zathi kuHanuni inkosi yazo: “Ingabe ucabanga ukuthi uDavide uyamdumisa uyihlo lokhu ethumele abaduduzi kuwe na? UDavide akazithumanga yini kuwe izinceku zakhe ukuba ziwuhlole umuzi, ziwuhlole, ziwuchithe na?


Lapho izinceku zika-Abisalomu zifika kowesifazane endlini, zathi: “Baphi o-Ahimayo noJonathani na? Owesifazane wathi kubo: “Bawela umfula wamanzi.” Kwathi sebebafunile kodwa ababatholanga, babuyela eJerusalema.


Kepha izikhulu zabantwana bakwa-Amoni zathi kuHanuni: “Ingabe ucabanga ukuthi uDavide uyamdumisa uyihlo lokhu ethumele abaduduzi kuwe na? Izinceku zakhe azifikanga yini kini ukuhlola izwe, nokuchitha, nokuhlola na?


Ukuze ababi balondolozelwe usuku lokubhujiswa? bayokhishwa kuze kufike usuku lolaka.


Mkhipheni othukile ngaphandle kwekamu; bonke abamuzwayo mababeke izandla zabo ekhanda lakhe, futhi lonke ibandla limkhande ngamatshe.


UPilatu wabuye waphuma, wathi kubo: Bhekani, ngimkhiphela kini, ukuze nazi ukuthi angifumani cala kuye.


Esembambile, wamfaka etilongweni, wamnikela ekamu lamabutho amane, ukuba amlinde; ehlose ukumkhuphela ebantwini emva kwePhasika.


Kwathi uHerode esezomkhipha, ngalobo busuku uPetru wayelele phakathi kwamasosha amabili, eboshwe ngamaketanga amabili, nabalindi phambi komnyango belinda itilongo.


Benza kanjalo, bawaletha kuye lawo makhosi omahlanu emhumeni, inkosi yaseJerusalema, nenkosi yaseHebroni, nenkosi yaseJarimuthi, nenkosi yaseLakishi, nenkosi yase-Egiloni.


Inkosi yaseJeriko yabikelwa, yathi: “Bheka, kufike lapha ebusuku amadoda avela kubantwana bakwa-Israyeli ukuhlola izwe.”


Owesifazane wawathatha amadoda amabili, wawafihla, wathi: “Kwakukhona amadoda eza kimi, kepha bengingazi ukuthi avelaphi;


Wathi futhi kuye: “Yima ngasemnyango wetende; kuyakuthi lapho kufika othile futhi akubuze athi: ‘Ukhona yini lapha na?’ ukuthi lizakuthi: Hatshi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka