Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 12:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Khulumani kuyo inhlangano yonke yakwa-Israyeli, nithi: ‘Ngolweshumi lwale nyanga yilowo nalowo makazithathele iwundlu ngokwezindlu zawoyise, kube yiwundlu ngendlu;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Yishoni kuyo yonke inhlangano yakwa-Israyeli nithi: ‘Ngomhla zilishumi kule nyanga bayothatha yilowo nalowo mndeni, kube yiwundlu umndeni ngamunye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Khulumani kuyo yonke inhlangano yakwa-Israyeli, nithi: Ngolweshumi lwale nyanga bayakuzithathela yilowo nalowo imvu ngokwezindlu zawoyise, iwundlu ngendlu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 12:3
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abrahama wathi: “UNkulunkulu uzakuzibonela imvu yomnikelo ezakushiswa, ndodana yami,” bahamba bobabili kanyekanye.


Naye u-Abela waletha umnikelo kuwo amazibulo ezimvu zakhe ezinonileyo. UJehova wanaka u-Abela nomnikelo wakhe.


UJosiya wabanika abantu besizwe bonke ababekhona emihlambini amawundlu namazinyane ezimbuzi, onke abengaweminikelo yephasika, umumo uyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nezinkunzi eziyizinkulungwane ezintathu; lokho kwakungokwempahla yenkosi.


“Le nyanga iyakuba kini inhloko yezinyanga, ibe yinyanga yokuqala emnyakeni kini.


UMose wayesebiza amalunga akwa-Israyeli, wathi kuwo: “Hambani nizithathele amawundlu ngokwemindeni yenu, nihlabe iphasika.


uma abomuzi bengalaneli iwundlu, wolithatha nomakhelwane wakhe oseduze nomuzi wakhe njengenani labantu; kulelo nalelo wundlu anobala inani elithile njengokudla kwalowo nalowo muntu.


niyakuligcina kuze kube sosukwini lweshumi nane lwaleyo nyanga; ibandla lonke lenhlangano yakwa-Israyeli liyakulihlaba ngakusihlwa.


UJehova wayesethi kuMose: “Ukhalelani kimi na? Yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuba bahambe.


Bathi kuMose: “Khuluma wena kithi, sizwe; kepha uNkulunkulu makangakhulumi kithi, funa sife.”


u-Aroni wakhuluma onke amazwi uJehova awakhulume kuMose, wazenza izibonakaliso emehlweni abantu.


“Ngalokho yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi: ‘NginguJehova; ngizakunikhipha emithwalweni yabaseGibithe, nginikhulule ebugqileni benu, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezahlulelo ezinkulu.


Ngomnyaka wamashumi amabili nanhlanu, wokuthunjwa kwethu ekuqaleni komnyaka, ngolweshumi lwenyanga, ngomnyaka weshumi nane, emva kokunqotshwa komuzi, ngalona lolo suku, isandla sikaJehova sasiphezu kwami, wangiyisa khona.


“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa umuntu wakini eletha umnikelo kuJehova, anonikela ngomnikelo wenu wezinkomo zemihlambi nowezimvu.


uyakuletha umnikelo wecala lakhe kuJehova ngesono sakhe one ngaso, insikazi yasezimvini, imvu noma imbuzi, kube ngumnikelo wesono, umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe.


Kuyakwenziwa kanjalo ngaleyo naleyo nkunzi, noma ngaleyo naleyo nqama, noma ngaleyo naleyo mvana yeduna, noma ngamazinyane ezimbuzi.


Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe.


Ebona uJesu ehamba, wathi: “Bheka, nanto iWundlu likaNkulunkulu.”


Ngakho kuseyizinsuku eziyisithupha ngaphambi kwePhasika, uJesu wafika eBethaniya, lapho wayekhona uLazaru uJesu amvusa kwabafileyo.


Ngangomuso abantu abaningi abafike emkhosini sebezwile ukuthi uJesu uyeza eJerusalema,


Khiphani imvubelo endala ukuze nibe yinhlama entsha, njengalokhu ningabangenamvubelo. Ngokuba nelethu iphasika lihlatshiwe, elinguKristu.


“ ‘Kusasa niyakusondezwa ngezizwe zakini; kuyakuthi isizwe asithathayo uJehova sisondele ngemindeni; umndeni awuthathayo uJehova uyakusondela ngezindlu; indlu ayithathayo uJehova iyakusondela ngabantu.


Bayakhuleka kuso bonke abakhileyo emhlabeni, wonke ogama lakhe lingalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo, selokhu kwasekelwa umhlaba.


USamuweli wathatha iwundlu elincelayo, wanikela ngalo libe ngumnikelo oshiswa wonke kuJehova; uSamuweli wamkhalela u-Israyeli kuJehova; uJehova wamphendula.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka