Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 12:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Le nyanga iyakuba kini inhloko yezinyanga, ibe yinyanga yokuqala emnyakeni kini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 “Le nyanga iyakuba wuphawu kini lokuqala kwezinyanga; iyakuba yinyanga yokuqala yonyaka wenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Le nyanga iyakuba kini eyokuqala kwezinyanga; kumelwe kube yinyanga yokuqala yonyaka kini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 12:2
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngenyanga yokuqala eyinyanga kaNisani ngomnyaka weshumi nambili wenkosi u-Ahashiveroshi benza iPhure eliyinkatho phambi kukaHamani imihla ngemihla izinyanga ngezinyanga, kwaze kwaba ngeyeshumi nambili eyinyanga ka-Adari.


UJehova wayesekhuluma kuMose naku-Aroni ezweni laseGibithe, ethi:


Ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa niyakudla isinkwa esingenamvubelo, kuze kufike usuku lwamashumi amabili nanye lwenyanga ngakusihlwa.


Khulumani kuyo inhlangano yonke yakwa-Israyeli, nithi: ‘Ngolweshumi lwale nyanga yilowo nalowo makazithathele iwundlu ngokwezindlu zawoyise, kube yiwundlu ngendlu;


UMose wayesethi kubantu: “Khumbulani lolu suku eniphume ngalo eGibithe, indlu yobugqila, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova unikhiphile kule ndawo: akuyikudliwa sinkwa esivutshelweyo.


Namuhla niyaphuma, ngenyanga ka-Abibi.


“Uzakugcina umkhosi wesinkwa esingenamvubelo, udle isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa, njengalokho ngakuyala, ngesikhathi esinqunyiweyo senyanga ka-Abibi, ngokuba waphuma ngayo eGibithe, kungabonakali muntu phambi kwami ongaphethe lutho,


“Umkhosi wesinkwa esingenamvubelo wowugcina. Uyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa, njengalokho ngakuyala, ngesikhathi esinqunyiweyo senyanga ka-Abibi, ngokuba ngenyanga ka-Abibi waphuma eGibithe.


Kwathi enyangeni yokuqala ngomnyaka wesibili, ngolokuqala lwenyanga itabernakele lamiswa.


“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngenyanga yokuqala, ngolokuqala lwenyanga, uyakuthatha inkunzi, iduna elingenasici, uhlambulule indlu engcwele.


“ ‘Ngenyanga yokuqala, ngosuku lweshumi nane lwenyanga, niyakuba nephasika, umkhosi wezinsuku eziyisikhombisa, kudliwe isinkwa esingenamvubelo.


Ngenyanga yokuqala ngolweshumi nane lwenyanga kusihlwa kuyiphasika likaJehova.


“ ‘Ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane lwenyanga kuyiphasika likaJehova.


“Gcina inyanga ka-Abibi, nilenze iphasika likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba ngenyanga ka-Abibi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha eGibithe ebusuku.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka