Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 12:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Khulumani kuyo yonke inhlangano yakwa-Israyeli, nithi: Ngolweshumi lwale nyanga bayakuzithathela yilowo nalowo imvu ngokwezindlu zawoyise, iwundlu ngendlu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Khulumani kuyo inhlangano yonke yakwa-Israyeli, nithi: ‘Ngolweshumi lwale nyanga yilowo nalowo makazithathele iwundlu ngokwezindlu zawoyise, kube yiwundlu ngendlu;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Yishoni kuyo yonke inhlangano yakwa-Israyeli nithi: ‘Ngomhla zilishumi kule nyanga bayothatha yilowo nalowo mndeni, kube yiwundlu umndeni ngamunye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 12:3
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayesethi u-Abrahama: “Ndodana yami, uNkulunkulu uyakuzilungisela iwundlu libe ngumnikelo wokushiswa; bahamba bobabili kanyekanye.


U-Abela naye waletha amanye amazibulo ezimvu zakhe namanoni awo. UJehova wamnaka u-Abela nomhlatshelo wakhe.


UJosiya wabanika abantu bonke ababekhona, izimvu, amawundlu, nezimbuzi, kube okwemihlatshelo yephasika, kubo bonke ababekhona, inani lezinkulungwane ezingamashumi amathathu nantathu; lalingelenkosi.


Le nyanga iyakuba kini eyokuqala kwezinyanga; kumelwe kube yinyanga yokuqala yonyaka kini.


UMose wabiza onke amadoda amadala akwa-Israyeli, wathi kuwo: “Phumani nizithathele iwundlu ngokwezizukulwane zenu, nilihlabe iphasika.


Uma indlu iyingcosana kunewundlu, makayithabathe yena nomakhelwane wakhe oseduze nendlu yakhe ngokwesibalo sabantu; kube yilowo nalowo njengokudla kwakhe iwundlu.


Lizawugcina kuze kube lusuku lwetshumi lane lwaleyo nyanga, njalo ibandla lonke lenhlangano yakoIsrayeli lizalihlaba kusihlwa.


UJehova wathi kuMose: “Ungibizelani na? khuluma nabantwana bakwa-Israyeli ukuthi baqhubeke.


Basebesithi kuMozisi: Khuluma wena kithi, sizakuzwa; kepha uNkulunkulu makangakhulumi kithi, funa sife.


U-Aroni wakhuluma onke amazwi uJehova awakhuluma kuMose, wazenza izibonakaliso phambi kwamehlo abantu.


Ngakho yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi: NgiyiNkosi, futhi ngiyakunikhipha ngaphansi kwemithwalo yabaseGibhithe, futhi ngiyonikhulula ebugqilini babo, futhi ngiyonikhulula ngengalo eyeluliweyo nangamandla amakhulu. Izinqumo:


Ngomnyaka wamashumi amabili nanhlanu wokuthunjwa kwethu, ekuqaleni konyaka, ngolweshumi lwenyanga, ngomnyaka weshumi nane emva kokunqotshwa komuzi, ngalona lolo suku isandla sikaJehova saba phezu kwami, wangiyisa khona.


Tshono ebantwaneni bakoIsrayeli uthi kibo: Uba omunye wenu eletha umnikelo eNkosini, uzanikela ngomnikelo wakhe wenkomo, owenkomo lomhlambi wezimvu.


Kumelwe alethe umnikelo wawo wecala kuJehova ngenxa yesono sakhe one ngaso, imvukazi yasemhlambini, noma iwundlu noma izinyane lembuzi, ibe ngumnikelo wesono; futhi umpristi kumelwe awenzele isihlawulelo ngesono sawo.


Kumelwe kwenziwe kanjalo ngenkunzi eyodwa noma ngenqama eyodwa noma ngewundlu noma izinyane lembuzi.


Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu, elisusa izono zezwe.


Ebona uJesu ehamba, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu!


Khona ezinsukwini eziyisithupha ngaphambi kwePhasika uJesu wafika eBethaniya, lapho kwakukhona uLazaru owayefile, amvusa kwabafileyo.


Ngangomuso izixuku eziningi ezazize emkhosini zizwa ukuthi uJesu uyeza eJerusalema;


Khiphani imvubelo endala, ukuze nibe yinhlama entsha, njengalokhu ningabangenamvubelo. Ngokuba iphasika lethu lihlatshelwe uKristu;


Ngalokho niyakulethwa ekuseni ngokwezizwe zenu; isizwe eyasamukela uJehova siyakufika ngokwezizukulwane zakhe; futhi isizukulwane uJehova ayakwamukela siyofika ngemindeni; lendlu uJehova ayakuyithatha izafika indoda ngendoda.


Nabo bonke abakhileyo emhlabeni bayakukhuleka kuso, abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo kusukela ekusekelweni komhlaba.


USamuweli wathatha iwundlu elincelisayo, wanikela ngalo libe ngumnikelo wokushiswa kuJehova ngokuphelele; uSamuweli wakhuleka kuJehova ngenxa ka-Israyeli; uJehova wamuzwa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka