Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsiLilo 4:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ulimi loncelayo lunamathela olwangeni lwakhe ngokoma. Izingane zicela isinkwa, kepha akakho ozihlephulelayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Ulimi lomntwana oncelayo lunamathela olwangeni ngenxa yokoma. Izingane zicela isinkwa, kodwa akekho ozihlephulelayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ulimi lomunya lunamathela olwangeni lwakhe ngokoma; abantwana abancane bacela isinkwa, futhi akakho osihlephulayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiLilo 4:4
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha uRabi Shake wathi kubo: “Inkosi yami ingithumile yini enkosini yakho nakuwena ukukhuluma lawa mazwi na? Hhayi kulaba bantu yini abahlezi ogangeni ukuba badle amasimba abo, baphuze umshobingo wabo kanye nani, na?”


Ngosuku lwesishiyagalolunye lwenyanga indlala yaba namandla emzini, akubangakho kudla kubantu bezwe.


Ulimi lwami malunamathele olwangeni lwami, uma ngingakukhumbuli, uma ngingaphakamisi iJerusalema phezu kwentokozo yami enkulu.


Amandla ami omile njengodengezi; ulimi lwami lunamathela olwangeni lwami; ungibeka othulini lokufa.


Ngalokho abantu bami bayathunjwa bengazi, nabadumileyo babo bayalamba, nezixuku zabo zigangathekile ngokoma.


Abakhulu babo bathuma abancane babo emanzini; bafika emigodini, kepha abafumani manzi, babuya, izitsha zabo zingenalutho; banamahloni, bajabhile, bamboza amakhanda abo.


Bonke abantu balo bayabubula, befuna isinkwa sabo; banika okumnandi kwabo ngokudla ukuba babuyise umphefumulo. Bheka, Jehova, ubhekisise, ngokuba ngiyadelelwa.


‘Nothuli lomuzi wenu olunamathele ezinyaweni zethu siyaluhlangulela kini; nokho-ke yazini lokhu ukuthi umbuso kaNkulunkulu usondele.’


uyakuzikhonza izitha zakho uJehova ayakuzithuma kuwe ngokulamba, nangokoma, nangobunqunu, nangokuswela izinto zonke, abeke ijoka lensimbi entanyeni yakho, aze akubhubhise.


Bayakuphela indlala, baqedwe ngukushisa komzimba, nayisifo esibuhlungu, ngibathumele amazinyo ezilwane, kanye nesihlungu sezikhasayo othulini.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka