Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsiLilo 4:4 - IsiZulu 2020

4 Ulimi lomntwana oncelayo lunamathela olwangeni ngenxa yokoma. Izingane zicela isinkwa, kodwa akekho ozihlephulelayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ulimi loncelayo lunamathela olwangeni lwakhe ngokoma. Izingane zicela isinkwa, kepha akakho ozihlephulelayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ulimi lomunya lunamathela olwangeni lwakhe ngokoma; abantwana abancane bacela isinkwa, futhi akakho osihlephulayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiLilo 4:4
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha uRabi Shake wathi kubo: “Ngabe inkosi yami ingithumile yini enkosini yakho nakini ukuzokhuluma lawa mazwi, hhayi nakwabanye abantu abahlezi ogangeni ukuba badle indle yabo, baphuze umchamo wabo kanye nani na?”


Ngosuku lwesishiyagalolunye yayibhokile indlala emzini, kwakungekho kudla kubantu bezwe.


Ulimi lwami malunamathele olwangeni lwami, uma ngingakukhumbuli, uma ngingaphakamisi iJerusalema phezu kwentokozo yami enkulu.


Umlomo wami wome njengodengezi, ulimi lunamathele olwangeni; ungilalise othulini lokufa.


Abantu bami bayathunjwa bengazi; amadoda ahloniphekileyo abhuqwabhuqwa yindlala, nezixuku zigangadekile ngukoma.


Izikhulu zakhona zithumele izinceku zazo ukuyokha amanzi emithonjeni, kodwa azitholanga manzi; zibuye nezimbiza zazo zingenalutho, zinamahloni, zijabhile, zimboze amakhanda azo.


Bonke abantu bakhona bayabubula, befuna isinkwa. Bakhipha okuthandekayo kwabo ngokuba befuna ukudla ukuze basimamise umphefumulo. Bheka, Simakade, ubone, ngokuba sengiphenduke into eyedelelwayo.


‘Ngisho uthuli lomuzi wakini olunamathele ezinyaweni zethu, siluthintithela kini, nokho yazini lokhu ukuthi umbuso kaNkulunkulu ususondele.’


Uyozikhonza izitha zakho uSimakade ayozithumela kuwe ngokulamba, ngokoma, ngobunqunu, nangokweswela izinto zonke, uyobeka ijoka lensimbi entanyeni yakho, aze akubhubhise.


bayakuphela amandla yindlala, baqedwe wubhubhane, baqothulwe yisifo esibi, ngibathumele ngezinzawula zezilwane zasendle ezinesihlungu nezihuquzela othulini, zibalume.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka