Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsiLilo 4:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Namakhanka ehlisa, ancelise amazinyane awo. Indodakazi yabantu bami isinonya, njengezintshe zasehlane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Ngisho nezimpungushe ziyawancelisa amazinyane azo, kodwa abesifazane babantu bami, ababanaki abantwana babo, banonya njengezintshe zasendle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngisho nezilo zasolwandle zikhipha amabele azo, zincelise amazinyane azo; indodakazi yabantu bami isinonya njengezintshe zasogwadule.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiLilo 4:3
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lapho sengivuka ekuseni ukuba ngimncelise umfana wami, bheka, wayesefile; kepha sengimbhekisisa ekuseni, bheka, kwakungesiye umfana wami engimzeleyo.”


Izimpungushe ziyakukhala ezinqabeni zalo, namakhanka ezindlini zamakhosi; siseduze ukufika isikhathi salo, nezinsuku zalo aziyikwandiswa.


Ameva ayakukhuphukela ezindlini zamakhosi, izimbabazane namakhakhasi ezinqabeni zalo, libe yikhaya lamakhanka negceke lezintshe.


“Owesifazane angakhohlwa umntwana wakhe oncelayo ukuba angabi namusa kuyo indodana yesizalo sakhe na? Yebo, bona bangakhohlwa, kodwa mina anginakukukhohlwa wena.


Ngiyakubadlisa inyama yamadodana abo neyamadodakazi abo, badle, kube yilowo nalowo inyama yomngane wakhe, ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakubaxina ngakho izitha zabo nabafuna ukuphila kwabo.’


“Bheka, Jehova, ubone ukuthi wenzile kanjalo kubani. Abesifazane bayakudla yini izithelo zabo, izingane eziphathiweyo kahle, na? Abaprofethi nabapristi bayakubulawa endlini engcwele yeNkosi, na?


Izandla zabesifazane abahawukelayo zapheka izingane zabo; zazingukudla kwabo ngokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.


Ngalokho oyise bayakudla abantwana babo phakathi kwakho, abantwana badle oyise, ngenze izahlulelo phakathi kwakho, ngihlakaze kuyo yonke imimoya yonke insali yakho.


Niyakudla inyama yamadodana enu, nenyama yamadodakazi enu niyakuyidla.


nabangenangqondo, nabangathembekile, nabangenaluthando, nabangenasihawu,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka