Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 1:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kepha indlu yakwaJuda ngiyakuyihawukela, ngibasindise ngoJehova uNkulunkulu wabo, ngingabasindisi ngomnsalo, nangenkemba, nangokulwa, nangamahhashi, nangabamahhashi.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 Kepha indlu yakwaJuda ngiyakuyizwela, ngibasindise ngoSimakade uNkulunkulu wabo, angiyukubasindisa ngomnsalo, ngenkemba, ngempi, ngamahhashi nangabagibeli bamahhashi.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kodwa ngiyohawukela indlu yakwaJuda futhi ngiyophule ngoJehova uNkulunkulu wayo, futhi ngeke ngibakhulule ngomnsalo noma ngenkemba noma ngempi, ngamahhashi noma ngezinkweli zamahhashi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 1:7
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuwe: Niyakudla ngalo mnyaka okuzikhulelayo, nangomnyaka wesibili isihlabane, nangomnyaka wesithathu hlwanyelani, nivune, nitshale izivini, nidle izithelo zazo.


Ngiyakuwuvikela lo muzi ukuba ngiwusindise ngenxa yami nangenxa yenceku yami uDavide.’ ”


Kwathi ngalobo busuku kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu zodwa ezifileyo.


Sebehlela kuye, u-Elisha wakhuleka kuJehova, wathi: “Mawushaye lesi sizwe ngobumpumputhe.” Wasishaya ngobumpumputhe njengezwi lika-Elisha.


Ayikho inkosi esindiswa ngobuningi bempi yayo; isiqhwaga asikhululwa ngobukhulu bamandla aso.


kepha nguwe owasisindisa ezitheni zethu, wajabhisa abasizondayo.


UMose wathi kubantu: “Ningesabi; qinani, nibone ukusindisa kukaJehova azakunenzela khona namuhla, ngokuba abaseGibithe enibabonile namuhla anisayikubuye nibabone naphakade.”


Kanjalo uJehova wasindisa u-Israyeli esandleni sabaseGibithe; u-Israyeli wababona abaseGibithe befile ogwini lolwandle.


Bheka, uNkulunkulu uyinsindiso yami; nginethemba, angesabi, ngokuba uJehova, uJehova ungamandla ami nehubo lami, waba yinsindiso yami.”


Ngalokho uJehova uyakulindela ukuba abe nomusa kini; nangalokhu uyakuphakama ukuba abe nesihe kini, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela; babusisiwe bonke abamhlalelayo.


yebo, uthi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami ukuvusa izizwe zakwaJakobe, nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli; ngalokho ngiyakukubeka ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”


Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso: bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli.


lapho kwathiwa: “Ake nibuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nasebubini bezenzo zenu, nihlale ezweni uJehova alinike nina nawoyihlo, kusukela phakade kuze kube phakade,


ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze, nikhuleke kubo, ningangicunuli ngemisebenzi yezandla zenu; khona angiyikunenzela okubi.


ngiyakulahla inzalo kaJakobe nekaDavide inceku yami, ukuze ngingathathi enzalweni yakhe ababusi benzalo ka-Abrahama, neka-Isaka, nekaJakobe, ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwabo, ngibahawukele.’ ”


Esemlumulile uLo Ruhama,* wakhulelwa, wazala indodana.


U-Efrayimi ungizungezile ngamanga, nendlu yakwa-Israyeli ngenkohliso; uJuda usazulazula kuNkulunkulu nakoNgcwele othembekileyo.


Yayisithatha isho kimi, ithi: “Lokhu kuyizwi likaJehova kaZerubabele lokuthi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kepha kube ngomoya wami kuphela,’ usho uJehova Sebawoti.


yazi yonke le nhlangano ukuthi uJehova akasindisi ngenkemba nangomkhonto; ngokuba ukulwa kungokukaJehova; uyakuninikela esandleni sethu.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka