Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 1:7 - IsiZulu 2020

7 Kepha indlu yakwaJuda ngiyakuyizwela, ngibasindise ngoSimakade uNkulunkulu wabo, angiyukubasindisa ngomnsalo, ngenkemba, ngempi, ngamahhashi nangabagibeli bamahhashi.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kepha indlu yakwaJuda ngiyakuyihawukela, ngibasindise ngoJehova uNkulunkulu wabo, ngingabasindisi ngomnsalo, nangenkemba, nangokulwa, nangamahhashi, nangabamahhashi.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kodwa ngiyohawukela indlu yakwaJuda futhi ngiyophule ngoJehova uNkulunkulu wayo, futhi ngeke ngibakhulule ngomnsalo noma ngenkemba noma ngempi, ngamahhashi noma ngezinkweli zamahhashi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 1:7
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuwe: niyakudla ngalo nyaka okuzikhulelayo, nangonyaka wesibili isihlabane, nangonyaka wesithathu hlwanyelani, nivune, nitshale izivini, nidle izithelo zazo.


Ngiyakuwuvikela lo muzi, ngiwusindise ngenxa yami, nangenxa yenceku yami, uDavide.’ ”


Kwathi ngalobo busuku, kwaphuma ingelosi kaSimakade, yabulala enkanjini yabase-Asiriya abayizi-185 000; sebevuka ekuseni, bheka, kwakuyizidumbu zodwa.


Behlela kuye, u-Elisha wakhuleka kuSimakade, wathi: “Mawusishaye ngobumpumputhe lesi sizwe.” Wasishaya ngobumpumputhe njengokwezwi lika-Elisha.


Inkosi ayisindiswa wubuningi bempi yayo; iqhawe alikhululwa ngamandla alo amakhulu.


Kepha nguwe osisindisile ezitheni zethu, wabathela ngehlazo abasizondayo.


Kepha uMose wathi kubantu: “Ningesabi, qinani, nibone ukukhululwa uSimakade azonenzela khona namuhla; ngokuba laba baseGibhithe enibabona namuhla anisayukuphinde nibabone naphakade.


Ngalolo lusuku uSimakade wabasindisa abakwa-Israyeli esandleni sabaseGibhithe; abakwa-Israyeli babona izidumbu zabaseGibhithe ogwini lolwandle.


UNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakumethemba, angiyukwesaba, ngokuba uSimakade, Yena ungamandla ami nezikhwepha zami; uyinsindiso yami.”


Ngalokho uSimakade ulindele ukuba abe nomusa kini; ngalokho uyakuphakama abe nesihawu kini, ngokuba uSimakade unguNkulunkulu wobulungiswa; babusisiwe bonke abamlindelayo.


Yebo, uthi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami, ukuvusa izizwe zakwaJakobe, nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli; ngalokho ngiyakukwenza ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”


Ngakho-ke iNkosi uqobo izokunika isibonakaliso: intombi izakukhulelwa, izale indodana, iyiqambe ngokuthi ngu-Imanuweli.


lapho kuthiwa kini: “Ake niphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nasezenzweni zenu ezimbi, bese nihlala ezweni uSimakade alinika okhokho benu, kusukela phakade kuze kube phakade.


Ningabalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze, nikhuleke kubo, ningangicunuli ngemisebenzi yezandla zenu, khona ngingayukunilimaza.


bengiyakubalahla abozalo lukaJakobe nabolukaDavide, inceku yami, ngingathathi ozalweni lwakhe ababusi bozalo luka-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe. Ngiyakuguqula ukuthunjwa kwabo futhi ngibahawukele.’ ”


Kwathi esemlumulile uLo Ruhama, wayesekhulelwa, wazala indodana.


U-Efrayimi ungizungeze ngamanga, nendlu ka-Israyeli ngenkohliso; uJuda uvukelana noNkulunkulu noNgcwele othembekileyo.


Yayisithi kimi: “Lokhu yizwi likaSimakade eliqondiswe kuZerubhabhele elithi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kodwa kube ngoMoya wami kuphela,’ kusho uSimakade Wamabandla.


Yonke le nhlangano iyokwazi ukuthi uSimakade akasindisi ngenkemba nangomkhonto, ngokuba impi ingekaSimakade; uyakuninikela esandleni sethu.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka