Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 1:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Wabuye wakhulelwa, wazala indodakazi. Wayesethi uJehova kuye: “Qamba igama layo ngokuthi uLo Ruhama,* ngokuba angisayikuyihawukela indlu yakwa-Israyeli ukuba ngibathethelele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 UGomeri wabuye wakhulelwa, wazala indodakazi. USimakade wathi kuHoziya: “Iqambe igama uthi: ‘uLo Ruhama,’ ngokuba angisayukuphinde futhi ngiyizwele indlu yakwa-Israyeli ukuba impela ngibathethelele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Wabuye wakhulelwa, wazala indodakazi. UNkulunkulu wathi kuye: “Mbize ngokuthi uLoruhama, ngokuba angisayikuba nomusa kuyo indlu yakwa-Israyeli; kodwa ngizabasusa ngokupheleleyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 1:6
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJehova wala yonke inzalo ka-Israyeli, wayihlupha, wayinikela esandleni sabaphangi, waze wayilahla ebusweni bakhe.


Ngomnyaka wesishiyagalolunye kaHosheya, inkosi yase-Asiriya yalithatha iSamariya, yathumbela u-Israyeli e-Asiriya, yababeka eHala, naseHabori ngasemfuleni waseGozani, nasemizini yamaMede.


Lapho amagatsha awo esebunile, ayakwaphulwa, kufike abesifazane, baphembe umlilo kuwo, ngokuba bangabantu abangenakuqonda; ngalokho owabenzayo akayikubahawukela, nowababumbayo akayikuba namusa kubo.


Esemlumulile uLo Ruhama,* wakhulelwa, wazala indodana.


Ngiyakuzitshalela yena ezweni, ngihawukele ongahawukelwanga, ngithi kwababengesibo abantu bami: ‘Ningabantu bami,’ bona bathi: ‘UnguNkulunkulu wethu.’ ”


Angiyikuhawukela abantwana bakhe, ngokuba bangabantwana bobufebe.


UJehova wathi kimi: “Amose, ubonani na?” Ngathi: “Intambo yomthofu wokumisa.” Yayisithi iNkosi: “Bhekani, ngiyakubeka intambo yomthofu wokumisa phakathi kwabantu bami u-Israyeli; angisayikubadlula.


“Bhekani, amehlo eNkosi uJehova akuwo umbuso owonayo; ngiyakuwuchitha ebusweni bomhlaba, ngingachithi nokho ngokupheleleyo indlu kaJakobe,” usho uJehova.


ekade naningesiso isizwe, kepha manje niyisizwe sikaNkulunkulu, enaningahawukelwanga, kepha manje nihawukelwe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka