Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Esteri 7:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Inkosi isibuya ensimini yendlu yenkosi, ingene endlini yedili lewayini, uHamani wayesewele embhedeni u-Esteri ayekuwo. Yayisithi inkosi: “Uyakuyiphoqa inkosikazi phambi kwami lapha endlini na?” Lapho liphuma leli zwi emlonyeni wenkosi, bamboza ubuso bukaHamani.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 Kuthe lapho inkosi ibuya engadini yasesigodlweni, ingena endlini yedili, yafica uHamani ewele embhedeni okwakucambalele kuwo u-Esteri, yathi: “Awunamahloni okubhudukeza indlovukazi phambi kwami, esigodlweni sami pho?” Ithe ingasho lawo mazwi inkosi, abathenwa baphuthuma bemboza ubuso bukaHamani.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Inkosi yayisibuya ensimini yendlu yenkosi, yaya endaweni yedili; uHamani wawela embhedeni u-Esteri ayekuwo. Inkosi yasisithi: Indlovukazi izangena endlini phambi kwami yini? Kwathi ekuphumeni kwelizwi emlonyeni wenkosi, babumbesa ubuso bukaHamani.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Esteri 7:8
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Seziphelile lezo zinsuku, inkosi yenzela abantu bonke ababe khona eShushani endlini yenkosi, abakhulu nabancane, idili izinsuku eziyisikhombisa egcekeni lensimu yendlu yenkosi.


Kwakukhona izilenge ezimhlophe neziluhlaza, ziboshelwe ngezintambo zelineni elicolekileyo nezibubende emasongweni esiliva nasezinsikeni zamatshe amhlophe; imibhede yayiyigolide nesiliva phezu kwendawo egandaywe ngamatshe abomvu, nangamaparele,* nangamatshe amnyama.


UMoridekayi wabuyela esangweni, kepha uHamani waphuthuma ekhaya ekhala, embozile ikhanda.


Base bemphanyeka-ke uHamani emthini ayewulungisele uMoridekayi. Yayisibohla intukuthelo yenkosi.


Umhlaba unikezwe esandleni sababi; uyasibekela ubuso babahluleli bawo; uma kungesiye, pho, ngubani na?


“Bheka, uJehova uyakukulahla njengalokhu umuntu elahla, abambe nokubamba.


Amakhosi ayakuba ngabazanyana bakho, namakhosikazi awo ayakuba ngabancelisi bakho; bayakukukhothamela ubuso bubheke phansi, bakhothe uthuli lwezinyawo zakho; uyakwazi ukuthi nginguJehova, abethemba kimi abayikujabha.”


Usho kanje uJehova, uthi: “Njengalokhu umalusi ophula emlonyeni wengonyama imilenze emibili noma inxenye yendlebe, kanjalo abantwana bakwa-Israyeli bayakophulwa, abahlala eSamariya ezingosini zezihlalo naphezu kwezingubo zikasilika* zemibhede.”


Abanye base beqala ukumkhafulela ngamathe nokumgubuzela ubuso nokumdushuza, bathi kuye: “Profetha.” Nezikhonzi zamthatha zammukula.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka