Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Esteri 7:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Yayisisukuma inkosi ngolaka lwayo edilini lewayini, yaya ensimini yendlu yenkosi; uHamani wasukuma ukunxusa u-Esteri inkosikazi ngokuphila kwakhe, ngokuba wabona ukuthi usenqunyelwe okubi yinkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 Inkosi yasukuma yashiya idili, yaphuma ithukuthele ibila, yaya engadini yasesigodlweni. UHamani wasala encenga indlovukazi u-Esteri ukuba angabulawa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Inkosi yasukuma ngolaka lwayo edilini lewayini, yaya ensimini yesigodlo; uHamani wasukuma ukuba acele ukuphila kwakhe ku-Esteri inkosikazi; ngoba wabona ukuthi inkosi yayinqume okubi phezu kwakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Esteri 7:7
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha inkosikazi uVashiti yenqaba ukuza ngesiyalezo senkosi ngesandla sezinduna; ngalokho inkosi yathukuthela kakhulu, ulaka lwayo lwashisa phakathi kwayo.


Seziphelile lezo zinsuku, inkosi yenzela abantu bonke ababe khona eShushani endlini yenkosi, abakhulu nabancane, idili izinsuku eziyisikhombisa egcekeni lensimu yendlu yenkosi.


Base bemphanyeka-ke uHamani emthini ayewulungisele uMoridekayi. Yayisibohla intukuthelo yenkosi.


Omubi uyakukubona, acunuke, agedle amazinyo akhe, abesephela; isifiso sababi siyakubhubha.


Ababi bakhothama phambi kwabalungileyo, namashinga ngasemasangweni abalungileyo.


Isisa senkosi sikuyo inceku enokuqonda, kepha intukuthelo yayo iyakuba kwehlazisayo.


Intukuthelo yenkosi injengezithunywa zokufa, kepha umuntu ohlakaniphileyo uyayidambisa.


Ukufutheka kwenkosi kunjengokubhonga kwengonyama, kepha isihhe sayo sinjengamazolo etshanini.


Amadodana abakucindezelayo ayakufika kuwe efolile, nabo bonke abakudelelayo bayakukhothama ngasematheni ezinyawo zakho, bakubize ngokuthi uMuzi kaJehova neSiyoni loNgcwele ka-Israyeli.


Khona uNebukadinesari wagcwala ukufutheka, nesimo sobuso bakhe saguquka ngenxa yoShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego; wakhuluma wayaleza ukuba isithando somlilo sishiswe kasikhombisa ngaphezu kwalokho okuke kwabonwa sishiswa ngakho.


Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni* likaSathane abazishaya abaJuda bengesibo, kepha beqamba amanga; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.


Uma esho ukuthi: ‘Kulungile,’ inceku yakho iyakuba nokuthula; kepha uma ethukuthela, yazi-ke ukuthi unqume okubi.


UJonathani wathi: “Makube kude nawe, ngokuba uma bengazi nakanci ukuthi kunqunywe okubi ngubaba ukuba wehlelwe yikho, bengingayikukutshela na?”


Ngalokho yazi, ubone ukuthi uyakwenzani, ngokuba okubi sekunqunyelwe inkosi yethu nendlu yayo yonke, lokhu engumuntu omubi kangaka, ukuze umuntu angekhulume naye.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka