Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Esteri 7:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Wayesethi uHaribona, enye yezinduna ezaziphambi kwenkosi: “Bheka, umuthi okuphakama kwawo kuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, uHamani ayewenzele uMoridekayi owakhuluma kahle ngenkosi, umi endlini kaHamani.” Inkosi yathi: “Mphanyekeni kuwo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 UHaribhona omunye wabathenwa ababephambi kwenkosi, wathi: “Kunesigxobo sokuphanyeka eside uHamani asimisele ukuphanyeka kuso uMoridekhayi, indoda eyasindisa impilo yakho, nkosi; singamakhubhithi angama-50 ubude.” Inkosi yayaleza, yathi: “Mphanyekeni kuso!”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UHaribona, omunye wezinceku, wathi phambi kwenkosi: “Bheka, futhi umgxobo oyizingalo ezingamashumi amahlanu ukuphakama, uHamani awenzela uMoridekayi owakhuluma kahle ngenkosi, umi endlini kaHamani.” Inkosi yasisithi: Mphanyekeni kuso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Esteri 7:9
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Waphakamisela ubuso bakhe ngasefasiteleni, wathi: “Ubani onami na? Ngubani?” Kwase kulunguza kuye izinduna ezimbili noma ezintathu.


Ngosuku lwesikhombisa, lapho inhliziyo yenkosi isithokoza ngewayini, yayala oMehumani, noBizitha, noHaribona, noBigitha, no-Abagitha, noZethari, noKarikasi, izinduna eziyisikhombisa ezazikhonza ebusweni buka-Ahashiveroshi inkosi


Wayesethi uZereshi umkakhe nabo bonke abangane bakhe kuye: “Yenza umuthi, ukuphakama kwawo kube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu, ukhulume ekuseni enkosini ukuba uMoridekayi aphanyekwe kuwo, besewungena ngokuthokoza kanye nenkosi edilini.” Laba lihle lelo zwi kuHamani, wenza umuthi.


Besakhuluma naye, zafika izinduna zenkosi, zashesha ukumyisa uHamani edilini u-Esteri alilungisileyo.


Kwafumaniseka kulotshiwe ukuthi uMoridekayi wayelandile ngoBigithani noThereshi izinduna ezimbili zenkosi, abalindisango, ukuthi babefunile ukubeka isandla enkosini u-Ahashiveroshi.


Inkosi u-Ahashiveroshi yathi ku-Esteri, inkosikazi, nakuMoridekayi, umJuda: “Bhekani, nginike u-Esteri indlu kaHamani; yena bamphanyekile emthini, ngokuba wabeka isandla sakhe kubaJuda.


Inkosi yasho ukuba kwenziwe kanjalo; umthetho washaywa eShushani; bawaphanyeka amadodana ayishumi kaHamani.


kepha lapho lokho kwafika phambi kwenkosi, yasho ngencwadi ukuba lelo cebo elibi ayelicebe ngabaJuda libuyele ekhanda lakhe, yena namadodana akhe baphanyekwe emthini.


Ababi mabawele emanetheni abo, mina ngidlule kuwo.


Ukubhujiswa makumehlele engazelele; inetha lakhe alibeke ngasesitha malimbambe yena; makawele kulo kube ngukubhujiswa kwakhe.


Maye, bachithwa ngokuphazima kweso! Bashona, babhubha benovalo.


Inkosi yayaleza, alethwa lawo madoda ayemangalele uDaniyeli, aphonswa emphandwini wezingonyama, wona nabantwana bawo, nawomkawo; izingonyama zatheleka phezu kwabo, zachoboza amathambo abo, bengakafinyeleli phansi emphandwini.


Bonke abongameli bombuso, nababusi, nezikhulu, nabomkhandlu, nezinduna balulekene kanyekanye ukuba kumiswe isimiso senkosi, kumenyezelwe isiyalezo esiqinileyo sokuthi yilowo nalowo ocela isicelo nakumuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu, kuphela kuwe nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama.


Wayesegijima uDavide, wema phezu komFilisti, wathatha inkemba yakhe, wayihosha emgodleni wayo, wambulala, wamnquma ikhanda ngayo. Lapho amaFilisti ebona ukuthi iqhawe lawo lifile, abaleka.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka