2 Samuweli 23:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE8 Lawa angamagama amaqhawe kaDavide: UJoshebi Bashebeti waseTahekemoni, inhloko yabathathu; nguyena owaphakamisa umkhonto wakhe, walwa nabantu abangamakhulu ayisishiyagalombili abagwazwa ngasikhathi sinye. Uka jalj uñjjattʼätaIsiZulu 20208 Nanka amagama amaqhawe kaDavide: uJoshebhi Bhashebhethi waseThakhemoni, owayeyinhloko yabathathu. Nguye owaphakamisa umkhonto wakhe, wabulala abantu abangama-800 ngasikhathi sinye. Uka jalj uñjjattʼätaContemporary Zulu Bible 20248 Lawa angamagama amaqhawe kaDavide: UmThahemoni, owayehlezi esihlalweni sobukhosi, inhloko yezikhulu; kwakungu-Adino, umEsnite; yena waphakamisela umkhonto wakhe phezu kwabangamakhulu ayisishiyagalombili wababulala kanyekanye. Uka jalj uñjjattʼäta |
Nampa abantwana bakwa-Israyeli ngomumo wabo, izinhloko zawoyise, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zabo ezazikhonza inkosi kukho konke okwezigaba, ezazingena, ziphuma inyanga ngenyanga ezinyangeni zonke zomnyaka; kuleso naleso sigaba zazikhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.