Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 23:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Lawa angamagama amaqhawe kaDavide: UJoshebi Bashebeti waseTahekemoni, inhloko yabathathu; nguyena owaphakamisa umkhonto wakhe, walwa nabantu abangamakhulu ayisishiyagalombili abagwazwa ngasikhathi sinye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 Nanka amagama amaqhawe kaDavide: uJoshebhi Bhashebhethi waseThakhemoni, owayeyinhloko yabathathu. Nguye owaphakamisa umkhonto wakhe, wabulala abantu abangama-800 ngasikhathi sinye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Lawa angamagama amaqhawe kaDavide: UmThahemoni, owayehlezi esihlalweni sobukhosi, inhloko yezikhulu; kwakungu-Adino, umEsnite; yena waphakamisela umkhonto wakhe phezu kwabangamakhulu ayisishiyagalombili wababulala kanyekanye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 23:8
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide esezwile lokho wamthuma uJowabe nempi yonke yamaqhawe.


Kepha uSadoki umpristi, noBenaya indodana kaJehoyada, noNathani umprofethi, noShimeyi, noReyi, namaqhawe kaDavide abamlandelanga u-Adoniya.


Yilaba abayizinhloko zamaqhawe uDavide ayenazo, zibambelela kuye ngamandla ebukhosini bakhe kanye naye wonke u-Israyeli ukumbeka inkosi njengezwi likaJehova ngo-Israyeli.


Nampa abantwana bakwa-Israyeli ngomumo wabo, izinhloko zawoyise, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zabo ezazikhonza inkosi kukho konke okwezigaba, ezazingena, ziphuma inyanga ngenyanga ezinyangeni zonke zomnyaka; kuleso naleso sigaba zazikhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.


Phezu kwesigaba sokuqala ngenyanga yokuqala kwakunguJashobehamu indodana kaZabidiyeli; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.


UJonathani, uyisekazi kaDavide, wayengumluleki, wayengumuntu ohlakaniphileyo nombhali; uJehiyeli indodana kaHakimoni wayenamadodana enkosi;


Wafumana umhlathi wembongolo osemusha, welula isandla sakhe, wawuthatha, wabulala ngawo abantu abayinkulungwane.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka