Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 23:8 - IsiZulu 2020

8 Nanka amagama amaqhawe kaDavide: uJoshebhi Bhashebhethi waseThakhemoni, owayeyinhloko yabathathu. Nguye owaphakamisa umkhonto wakhe, wabulala abantu abangama-800 ngasikhathi sinye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Lawa angamagama amaqhawe kaDavide: UJoshebi Bashebeti waseTahekemoni, inhloko yabathathu; nguyena owaphakamisa umkhonto wakhe, walwa nabantu abangamakhulu ayisishiyagalombili abagwazwa ngasikhathi sinye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Lawa angamagama amaqhawe kaDavide: UmThahemoni, owayehlezi esihlalweni sobukhosi, inhloko yezikhulu; kwakungu-Adino, umEsnite; yena waphakamisela umkhonto wakhe phezu kwabangamakhulu ayisishiyagalombili wababulala kanyekanye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 23:8
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide esekuzwile lokho wathumela uJowabe nawo wonke amabutho ayengamaqhawe.


Kepha uZadoki umphristi, uBhenaya indodana kaJehoyada, uNathani umphrofethi, uShimeyi, uReyi namaqhawe kaDavide abamlandelanga u-Adoniya.


Yilezi izinhloko zamaqhawe kaDavide ayenazo, ezamsekela ngamandla embusweni wakhe kanye no-Israyeli wonkana, zambeka waba yinkosi njengokwezwi likaSimakade ngo-Israyeli.


Nanti inani labantu bakwa-Israyeli ngokwezinhloko zezindlu zoyise, abakhuzi bempi bezinkulungwane nabezamakhulu, izikhulu zabo ezazikhonza inkosi kukho konke ngokwezigaba, ezazingena ziphuma inyanga nenyanga, ezinyangeni zonke zonyaka. Babekhona kuleso naleso sigaba, bekhonza, sebebonke beyizi-24 000.


UJashobhehamu, indodana kaZabhidiyeli, wayengamele isigaba sokuqala esasingena ngenyanga yokuqala. Esigabeni sakhe kwakukhona abayizi-24 000.


UJonathani, umfowabo kayise kaDavide, wayengumeluleki engumuntu ohlakaniphileyo, futhi engumbhali. UJehiyeli, indodana kaHakhimoni, wayehlala namadodana enkosi.


Wathola umhlathi osemusha wembongolo, wawuthatha, wabulala ngawo amadoda ayinkulungwane.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka