Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 23:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kodwa umuntu owathintayo wohlonyiswa ngensimbi nangothi lomkhonto, aze ashiswe nokushiswa ngomlilo kuleyo ndawo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 Kepha umuntu oyowathinta, uyohlonyiswa ngensimbi noma ngothi lomkhonto, aze ashiswe ngomlilo angqongqe khona lapho.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kodwa umuntu ozithintayo kumelwe abiyelwe ngensimbi nangothi lomkhonto; ziyakushiswa ngomlilo kuleyo ndawo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 23:7
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Isithelo sabo uyakusichitha emhlabeni kanye nenzalo yabo phakathi kwabantwana babantu.


Ukufutheka akukho kimi; sengathi kungaba khona amakhakhasi nameva! Bengiyakuwasukela ngokulwa, ngiwashise kanyekanye,


Abantu bayakushiswa njengokushiswa komcako, njengameva anqunyiweyo ashiswa ngomlilo.”


Wena ndodana yomuntu, ungabesabi, ungesabi namazwi abo, noma amakhakhasi nameva kukuwe, uhlezi phakathi kwawofezela; ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla ngobuso babo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.


Yekani kukhule kokubili ndawonye, kuze kuvunwe; ngesikhathi sokuvuna ngiyakuthi kwabavunayo: Buthani kuqala ukhula, nilubophe izinyanda ukuba lushiswe, nibuthele amabele engotsheni yami.’ ”


zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.


“Kepha abantu bomuzi wakhe babemzonda, bathuma amanxusa emva kwakhe, bethi: ‘Asithandi ukuba lo abuse phezu kwethu.’


Kodwa lezo zitha zami ezazingathandi ukuba ngibuse phezu kwazo, ziletheni lapha, nizibulale phambi kwami.”


Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune; bawabuthe, bawaphonse emlilweni, ashe.


elangabini lomlilo, ephindisela kwabangamazi uNkulunkulu nakwabangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu,


Lapho-ke uzakwambulwa lowo ongenamthetho, eyakumqeda iNkosi uJesu Kristu ngomoya womlomo wayo, imchithe ngokubonakala kokufika kwayo,


kepha uma uveza ameva nekhakhasi, uyaleka, useduze nokuqalekiswa, ukuphela kwawo ngukushiswa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka