Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMikha 4:5 - IsiZulu 2020

5 Nakuba bonke abantu behamba kube yilowo nalowo egameni likankulunkulu wakhe, kodwa thina siyakuhamba egameni likaSimakade uNkulunkulu wethu, kuze kube phakade.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngokuba bonke abantu bahamba, kube yilowo nalowo ngegama likankulunkulu wakhe, kepha thina siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngokuba zonke izizwe ziyakuhamba, kube yilowo nalowo ngegama likankulunkulu wakhe, kepha thina siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMikha 4:5
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi u-Abhrama eseneminyaka engama-99, uSimakade wabonakala kuye wathi: “NginguNkulunkulu uSomandla. Hamba phambi kwami ungenasici.


Kepha zonke izizwe zazenzela onkulunkulu bazo, zababeka ezindlini ezindaweni eziphakemeyo ezazenziwe ngamaSamariya, kwaba yileso naleso sizwe, emizini esasihlezi kuyo.


Kuze kube namuhla basenza imikhuba yabo yakuqala. Abamesabi uSimakade, abazilandeli izimiso zakhe, izehlulelo, imithetho, nemiyalelo uSimakade ayala ngakho abantwana bakaJakobe, amqamba igama wathi ngu-Israyeli.


Manje sengiyaqonda ukuthi uSimakade uyamsindisa ogcotshiweyo wakhe: uyamphendula esezulwini lakhe elingcwele ngamandla okusindisa asesandleni sakhe sokunene.


ukuthi impela lo Nkulunkulu, unguNkulunkulu wethu waphakade naphakade. Uzosihola kuze kube sekufeni.


Ngizofika ngikubonge ngezenzo zamandla zeNkosi uNkulunkulu; ngizokudumisa ngokulunga kwakho, kwakho wedwa.


Wena ndlu kaJakobe, woza sihambe ekukhanyeni kukaSimakade.


Simakade Nkulunkulu wethu, sibuswe ngamanye amakhosi esikhundleni sakho, kodwa thina sidumisa igama lakho kuphela.


Simakade siyakulindela endleleni yezehlulelo zakho. Umphefumulo wami ulangazelela igama lakho, nezikhumbuzo zakho.


Ngiyakwenza nabo isivumelwano esimi phakade, ngingayeki ukubenzela okuhle, ngiyakubeka ezinhliziyweni zabo ukungesaba, ukuze bangasuki kimi.


Ngiyakubaqinisa kuSimakade; bahambe egameni lakhe,” kusho uSimakade Wamabandla.


othe ezizukulwaneni ezidlulileyo, waziyeka izizwe zonke ukuba zihambe ngezindlela zazo.


Ngalokho uyolalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho, ugcine imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla.”


Ngakho-ke njengalokhu nimamukele uKhristu uJesu iNkosi, hambani nikuye,


Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.


Uma kukubi emehlweni enu ukukhonza uSimakade, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma ngonkulunkulu ababekhonzwa ngokhokho benu besengaphesheya komfula, noma ngonkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo, kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uSimakade.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka