Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMikha 4:4 - IsiZulu 2020

4 Bayakuhlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akekho oyakubesabisa, ngokuba umlomo kaSimakade Wamabandla ukhulumile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Bayakuhlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akakho oyakubesabisa, ngokuba umlomo kaJehova Sebawoti ukhulumile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Bayakuhlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; futhi akukho muntu oyobathusa, ngoba umlomo kaJehova Sebawoti ukukhulumile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMikha 4:4
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

OJuda no-Israyeli bahlala belondekile, kwaba yilowo nalowo phansi komvini wakhe nomkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuze kube seBheri Sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni.


Ngicabanga ukwakhela igama likaSimakade uNkulunkulu wami indlu, njengalokhu uSimakade asho kuDavide ubaba, wathi: ‘Indodana yakho, engiyakuyibeka esihlalweni sakho sobukhosi esikhundleni sakho, yiyona eyakwakhela igama lami indlu.’


Uyakulala, kungabi bikho okuphazamisayo; abaningi bayakuzincengela kuwe.


Izintaba ziyakuletha impumelelo kubantu, namagquma, ukulunga.


Awuyukwesaba inhlekelele ezumayo, nokubhujiswa okulethwa yizikhohlakali,


Kodwa uma nenqaba, futhi nihlubuka, niyodliwa yinkemba,” ngokuba umlomo kaSimakade ukhulumile.


Imizi e-Aroweri iyakushiywa ibe ngeyemihlambi; ibuthise khona, ingethuswa muntu.


“Ngalolo lusuku,” kusho uSimakade Wamabandla. “Isikhonkwane esasibethelwe endaweni eqinileyo siyobhoncuka, sikhishwe, siyowa kuthi nomthwalo obukuso unqunywe,” kusho uSimakade.


Simakade, bakufunile besosizini, bazethula kuwe ngemikhuleko lapho ubasola.


Umsebenzi wokulunga uyokuba ngukuthula, umvuzo wokulunga ube ngukuthula nokulondeka kuze kube phakade.


“Ningamlaleli uHezekiya, ngokuba isho kanje inkosi yase-Asiriya, ithi: ‘Yakhani uxolo nami, niphume nize kimi, nidle, kube yilowo nalowo emvinini wakhe, kube yilowo nalowo emkhiwaneni wakhe, niphuze, yilowo nalowo amanzi omthombo wakhe,


Inkazimulo kaSimakade iyobonakaliswa, bonke abantu bayakuyibona kanyekanye ngokuba umlomo kaSimakade ukhulumile.”


Uyakumiswa ngokulunga; ube kude nokucindezelwa, ngokuba awuyukwesaba, novalo luyoba kude nawe.


khona uyakuzijabulisa kuSimakade, ngiyokukhweza ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, ngikuphe ukuba udle ifa likaJakobe uyihlo,” ngokuba umlomo kaSimakade ukhulumile.


Ngiyakumisa phezu kwayo abelusi, abayakuyelusa; ayisayukwesaba, ayisayukuba naluvalo, futhi ayisekho eyolahleka kuyo,” kusho uSimakade.


“ ‘Ungesabi wena Jakobe, nceku yami,’ kusho uSimakade, ‘ungesabi, Israyeli, ngokuba bheka, ngiyakukusindisa usekude, nabozalo lwakho ezweni othunjwelwe kulo. UJakobe uyakubuya, aphumule, agcineke angesatshiswa muntu,


“ ‘ “Ngiyakwenza nazo isivumelwano sokuthula, ngiqede izilwane ezimbi ezweni, zihlale zilondekile ehlane, zilale emahlathini.


Azisayukuba yimpango yabezizwe, nesilwane somhlaba asiyukuzidla, kepha ziyakuhlala ngokulondeka, zingesatshiswa muntu.


Uyakuthi: Ngiyakwenyukela ezweni elinemizana engabiyelwe, ngiye kwabazinzileyo abahlala belondekile, bonke abahlala lapho kungenalugange khona, kungekho migoqo namasango,


Bayakulikhohlwa ihlazo labo, nakho konke ukungethembeki kwabo abakwenze kimi, lapho sebehleli ngokulondeka ezweni lakubo, kungekho muntu obesabisayo,


“ ‘Ngiyakuninika ukuthula ezweni, nilale ningesatshiswa muntu. Ngiyakuziqeda nya izilwane ezimbi ezweni, nenkemba ayiyukudabula ezweni lakini.


Ngakho-ke uyakubakhaphela kuze kube yisikhathi sokuba okhulelweyo abelethe. Kuyakuthi lapho esebelethile, abafowabo abaseleyo babuyele kubantu bakwa-Israyeli.


Insali yakwa-Israyeli ayiyukwenza okubi, ayiyukuwaqamba amanga, futhi akuyukutholakala emlonyeni wayo ulimi lwenkohliso. Impela iyakudla, ilale phansi, kungabi bikho oyethusayo.’ ”


“ ‘Ngalolo lusuku, yilowo nalowo uyakumema umakhelwane wakhe, phansi komvini naphansi komkhiwane.’ ”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka