Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMikha 4:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngokuba zonke izizwe ziyakuhamba, kube yilowo nalowo ngegama likankulunkulu wakhe, kepha thina siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngokuba bonke abantu bahamba, kube yilowo nalowo ngegama likankulunkulu wakhe, kepha thina siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Nakuba bonke abantu behamba kube yilowo nalowo egameni likankulunkulu wakhe, kodwa thina siyakuhamba egameni likaSimakade uNkulunkulu wethu, kuze kube phakade.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMikha 4:5
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abrama eseneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye uJehova wabonakala ku-Abrama, wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami futhi uphelele.


Kodwa isizwe ngasinye sazenzela onkulunkulu baso, sababeka ezindlini zezindawo eziphakemeyo ezazenziwe ngamaSamariya, kwaba yileso naleso sizwe emizini yaso lapho sasihlala khona.


Kuze kube namuhla benza ngokwemikhuba yakuqala: abamesabi uJehova, abenzi njengezimiso zabo, nezahlulelo zabo, nomthetho nomyalo uJehova ayala ngakho abantwana bakwaJakobe, owambiza ngokuthi u-Israyeli.


Manje sengiyazi ukuthi uJehova uyamsindisa ogcotshiweyo wakhe; uyakumahlulela esezulwini lakhe elingcwele ngamandla okusindisa esandla sakhe sokunene.


Ngoba lo Nkulunkulu unguNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade: uyosiholela ekufeni.


Ngiyakuhamba ngamandla eNkosi uJehova; ngibize ukulunga kwakho, nakuwe wedwa.


O ndlu kaJakobe, wozani sihambe ekukhanyeni kukaJehova.


Jehova Nkulunkulu wethu, amanye amakhosi ngaphandle kwakho asibusile; kodwa ngawe wedwa sizabiza ibizo lakho.


Yebo, endleleni yezahlulelo zakho, Jehova, sikulindile; ukufisa komphefumulo wethu kungenxa yeGama lakho nesikhumbuzo sakho.


Ngiyakwenza nabo isivumelwano esiphakade, ukuthi angiyikusuka kubo ukuba ngibenzele okuhle; kepha ngiyakufaka ukungesaba ezinhliziyweni zabo, ukuze bangasuki kimi.


Ngiyakubaqinisa kuJehova; futhi bayohamba behla benyuka egameni lakhe,” kusho uJehova.


Owathi endulo wavumela izizwe zonke ukuthi zihambe ngezindlela zazo.


Ngakho kumelwe ulilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wakho wenze imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla.


Ngakho njengalokho namamukele uKristu Jesu iNkosi, hambani kuye;


Nanoma yini eniyenzayo, ngezwi noma ngomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngayo.


Uma kukubi emehlweni enu ukumkhonza uJehova, zikhetheleni namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza; noma onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo ababephesheya komfula, nonkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo; kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka