Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMikha 1:7 - IsiZulu 2020

7 Zonke izithombe zalo ziyakuphihlizwa, konke elikukhokhelweyo kushiswe ngomlilo. Izithombe zalo ezibaziweyo ngiyakuzenza zonke zibe yincithakalo, ngokuba likuthole ngenkokhelo yobufebe, futhi kuyakubuye kube yinkokhelo yobufebe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Zonke izithombe zalo ezibaziweyo ziyakwaphulwa, nakho konke elikukhokhelweyo kuyakushiswa ngomlilo, nayo yonke imifanekiso ngiyakuyenza ukuba ibe yincithakalo, ngokuba likuqoqile ngenkokhelo yobufebe; kuyakubuye kube yinkokhelo yobufebe.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Zonke izithombe zakhe ezibaziweyo ziyakwaphulwa, nayo yonke inkokhelo yakhe iyakushiswa ngomlilo, nazo zonke izithombe zakhe ezibaziweyo ngizenze incithakalo; ngoba ikubuthile emvuzweni yesifebe, njalo bazabuyela enkokhelweni yesifebe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMikha 1:7
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi ukuba kuphele konke lokhu, u-Israyeli wonke owayelapho waphuma waya emizini yakwaJuda, waphihliza izinsika, wagawula o-Ashera, wadiliza izindawo eziphakemeyo nama-althare wonke kwaJuda, kwaBhenjamini, kwa-Efrayimi nakwaManase, waze wakuqeda konke. Base bonke abantu bakwa-Israyeli bephindela emuva, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe, emizini yakubo.


Izithombe ezibaziweyo ziyoshabalala.


Kuyothi ngasekupheleni kweminyaka engama-70, uSimakade ahambele iThire, lona libuyele enzuzweni yalo, lifebe nayo yonke imibuso yezwe ebusweni bomhlaba.


Ngalokhu ububi bukaJakobe buzohlangulwa, kube yisithelo esiphelele sokususa isono sakhe, lapho enza wonke amatshe ase-althare abe yimvithi afane nomcako, kungabe kusamiswa nsika engu-Ashera, ngisho nama-althare empepho imbala.


Ezindaweni zonke enihlala kuzo, imizi iyakucekelwa phansi, izindawo eziphakemeyo zibe yincithakalo, ukuze ama-althare enu abe yincithakalo, athwale isijeziso, abhidlizwe, kuphihlizwe izithombe zenu, ziphele nya, abhidlizwe nama-althare enu empepho, yonke imisebenzi yenu ishatshalaliswe.


Ngiyakucekela phansi imivini yakhe nemikhiwane yakhe, athe ngakho: ‘Kuyinkokhelo yami ezinginike yona izithandwa zami;’ ngizokwenza kube yihlozi, izilwane zasendle zikudle.


“Ngakho-ke bhekani, ngiyakumyenga, ngimholele ehlane, ngikhulume enhliziyweni yakhe.


Unina wazifebela, wabakhulelwa ngokwenza ihlazo, ngokuba wathi ngizakuhamba ngilandele izithandwa zami, ezingipha isinkwa sami namanzi ami, uboya bami bezimvu nefilakisi lami, amafutha ami nokuphuzwayo kwami.


Samariya, ngilahle ithole lakho; intukuthelo yami iyabavuthela; kuyoze kube nini bengakwazi ukuba msulwa na?


Ngokuba livela kwa-Israyeli, ingcweti ilenzile, kodwa alisiye uNkulunkulu; impela ithole laseSamariya liyakuba zicucu.


Zenza unkatho ngabantu bami, zathengisa umfana ukuze zilale nesifebe, zathengisa ngentombazane ukuze zithole iwayini, zaliphuza.


Ngiyakuchitha izindawo zenu eziphakemeyo, ngibhidlize ama-althare enu empepho, izidumbu zenu ngizilahle phezu kwezithombe zenu ezifihlikileyo; umphefumulo wami uyonengwa yini.


Ungayilethi inkokhelo yesifebe nemali yenja endlini kaSimakade uNkulunkulu wakho ukuba ufeze isithembiso, ngokuba kokubili kuyisinengiso kuSimakade uNkulunkulu wakho.


Ngase ngithatha isono senu, ithole enanilenzile, ngalishisa ngomlilo, ngaligxoba, ngaligayisisa laze laba njengothuli, ngaphonsa uthuli lwalo emfudlaneni owehla entabeni.


Ngokuba zonke izizwe ziliphuzile iwayini lezinkanuko nobufebe balo, amakhosi omhlaba afebe nalo, nabahwebi bomhlaba bacebile ngengcebo yokutamasa kwalo.”


“Amakhosi omhlaba, lawo ayefeba atamasa nalo, ayakukhala alile ngenxa yalo, lapho ebona intuthu yalo lisha.


Bavuka ngakusasa ekuseni; uyabona-ke, uDagoni wayewele phansi emhlabathini phambi komphongolo kaSimakade, ikhanda likaDagoni nezihlakala zombili zezandla zakhe zazinqamukile, zisembundwini, kwakusele isidikinyane kuphela.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka