Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMikha 1:8 - IsiZulu 2020

8 Ngenxa yalokhu ngiyakukhala, ngikhihle isililo, ngihambe ngingafake zimbadada, ngihamba ze, ngiklewule njengempungushe, ngilile kube sengathi ngamazinyane entshe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngenxa yalokho ngiyakukhala, ngihhewule, ngihambe ngihlutshuliwe, ngihamba ze; ngenze isililo njengamakhanka, ngikhale njengezintshe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngalokho ngiyakukhala, ngikhale, nginqunulwe, ngihambe-ze; Ngizokhala njengezimpungushe, ngilile njengezikhova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMikha 1:8
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngonyaka we-14 wokubusa kukaHezekiya, inkosi, uSaneheribhi, inkosi yase-Asiriya, wakhuphuka, wahlasela yonke imizi yakwaJuda ebiyelweyo, wayidla.


Kwathi ukuba uMoridekhayi ezwe ngakho konke okwakwenzekile, waklebhula izingubo zakhe, wagqoka isaka, wazithela ngomlotha ekhanda, wazulazula emzini ekhala kakhulu nakalusizi.


Sengingumfowabo wamakhanka, nomngani wezintshe.


Ngifana nomandukulu ehlane, nginjengesikhova kwahlongasibi.


Kodwa izilwane zasehlane ziyobuthisa khona, nezindlu zalo ziyogcwala izikhova; kuyohlala lapho izintshe, kugcakagce khona amademoni.


Izimpisi ziyokhala ezinqabeni zalo, namakhanka, ezindlini zamakhosi; sesiseduze ukufika isikhathi salo, nezinsuku zalo aziyukwandiswa.


Ngakho-ke khalela izivini eSibhima njengokulila kweJazeri. Ngikuthela ngezinyembezi zami wena Heshibhoni, nawe Elehale, ngokuba ukujabulela isivuno sakho sezithelo nesokusanhlamvu kuphelile.


Ngalokho ukhalo lwami lugcwele izinhlungu; ngibanjwe yimihelo njengowesifazane obelethayo; ngikhonkobele ngengikuzwile, ngethukile ngengikubonile.


Ngalokho ngithi: “Ningangibuki mina, ngizonikhombisa umunyu ngokulila kalusizi; ningazami ukungiduduza ngenxa yokubhujiswa kwendodakazi yabantu bami.”


Thuthumelani nina besifazane abazinzileyo, nihlupheke nina enizethembayo, khumulani nibe nqunu, nibophe izinkalo zenu.


O, buhlungu bami, buhlungu bami, inhliziyo yami iyaqaqamba; iyabubula inhliziyo yami, anginakuthula, ngokuba umphefumulo wami uwuzwile umsindo wecilongo, kuhlatshwa umkhosi wempi.


Sengathi ikhanda lami lingamanzi, namehlo ami ngumthombo wezinyembezi, ukuba ngikhalele ababuleweyo babantu bami imini nobusuku.


Ngiyakukhala, ngilile ezintabeni, nasemadlelweni asehlane, ngikhihle isililo; ngokuba aqothuliwe, akukho muntu owedlula kuwo, akuzwakali nakukhala kwemfuyo; izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.


Ngokuba izwi lesililo lizwakele livela eZiyoni, lithi: ‘Yeka ukubhujiswa kwethu! Sithelwe ngehlazo kakhulu; silishiyile izwe, ngokuba bazidilizile izindlu zethu.’ ”


“Ndodana yomuntu, lilela isixuku saseGibhithe, usehlisele phansi komhlaba, namadodakazi ezizwe ezinamandla, nalabo abehlela egodini.


Ngalolo lusuku bayakusho isaga ngani, bakhihle isililo, bethi: ‘Kuphelile, kuphele nya ngathi; isabelo sabantu bami sinikwe abanye abantu! Maye, usithathile kimi, amasimu ethu wawabela amahlubuka!’ ”


USawule wakhumula izingubo zakhe, waphrofetha phambi kukaSamuweli. Walala phansi enqunu lonke lolo lusuku nabo bonke lobo busuku. Yingakho abantu bathi: “Kanti noSawule uphakathi kwabaphrofethi na?”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka