Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJona 1:5 - IsiZulu 2020

5 Amatilosi esaba, kwayilelo nalelo lakhala kunkulunkulu walo. Ayesephonsa olwandle impahla eyayisemkhunjini, ukuze umkhumbi ube lula. UJona wayesehlele egumbini lomkhumbi elingaphansi maphakathi nendawo, elele zwi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Khona amatilosi* esaba, akhala, kwaba yilelo nalelo kunkulunkulu walo, aphonsa elwandle impahla ebisemkhunjini ukuba ube lula kubo. Kepha uJona wayehlele phakathi komkhumbi, wayeselele ubuthongo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Khona-ke amatilosi esaba futhi abiza yilowo nalowo kunkulunkulu wakhe futhi aphonsa olwandle impahla eyayisemkhunjini ukuze enze kube lula kuwo. Kepha uJona wehlela ezinhlangothini zomkhumbi; walala ubuthongo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJona 1:5
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bayithatha inkunzi abayinikwayo, bayilungisa. Balibiza igama likaBhali kusukela ekuseni kwaze kwaba semini, bethi: “Bhali, siphendule,” kepha akubanga khona zwi, nophendulayo wayengekho. Bagida ngase-althare ayelakhile.


USathane wamphendula uSimakade, wathi: “Uma nje ungathinta inyama yakhe uyobona. Konke umuntu anakho angakunikela ukuze asindise ukuphila kwakhe.


ngokuba wakhuluma, wavusa umoya wesiphepho owaphakamisa amadlambi olwandle.


nawe mlilo nesichotho, liqhwa nenkwezane, nawe siphepho esenza okwezwi lakhe,


isikhathi sokufuna, nesikhathi sokulahlekelwa; isikhathi sokulondoloza, nesikhathi sokusaphaza;


“Qoqanani ndawonye nize, sondelani nina abasindileyo bezizwe; abanalwazi abathwala umuthi wezithombe zabo ezibaziweyo, bakhuleka kunkulunkulu ongenakusindisa.


Baphi onkulunkulu bakho ozenzele bona na? Mabavuke, uma bengakusindisa ngesikhathi sokuhlupheka kwakho, ngokuba njengomumo wemizi yakho, banjalo onkulunkulu bakho, Juda.


Abakhalanga kimi ngenhliziyo yabo, kodwa bahhewula emibhedeni yabo; babuthana ngenxa yokusahlamvu newayini elisha, bangifulathela Mina.


Amatilosi akhuleka kuSimakade, athi: “Ungasibhubhisi Simakade, ngenxa yale ndoda. Ungasisoli ngokuthi sibulele umuntu ongenacala; siyazi ukuthi Wena unguSimakade, wenza njengokuthanda kwakho.”


Amatilosi amesaba kakhulu uSimakade, anikela kuye umhlatshelo, enza nezifungo.


Umkhuzi wamatilosi weza kuJona, wathi: “Ungalala kanjani uhuqe ubuthongo kunje? Vuka ubize owakho uNkulunkulu, mhlawumbe angasizwa, singashabalali.”


Kuthe umyeni esalibele, zonke izintombi zozela, zalala.


Wabuyela kubo futhi, wabafumana belele, ngokuba amehlo abo ayegcwele ubuthongo.


Wayesephindela kubafundi, wathi kubo: “Namanje nisalele, niphumule. Phela ihora selisondele; iNdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zezoni.


Kwathi lapho sebesuthi, bawulahla olwandle ukolo ukuze umkhumbi ungasindwa.


Wamlalisa emathangeni akhe, wayesebiza indoda, wamphuca amagoda ayisikhombisa ayesekhanda lakhe. Waqala ukumhlupha, amandla akhe asuka kuye.


Wafika ezibayeni zezimvu ezaziseceleni kwendlela, kwakukhona umgede lapho; uSawule waphambukela khona ukuba ayozembesa izinyawo. UDavide nabantu bakhe babehlezi emuva phakathi emgedeni.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka