Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJona 1:6 - IsiZulu 2020

6 Umkhuzi wamatilosi weza kuJona, wathi: “Ungalala kanjani uhuqe ubuthongo kunje? Vuka ubize owakho uNkulunkulu, mhlawumbe angasizwa, singashabalali.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kwase kusondela kuye induna yomkhumbi, yathi: “Unani wena olele ubuthongo na? Vuka, ubize uNkulunkulu wakho; mhlawumbe lo Nkulunkulu uyakusikhumbula ukuba singabhubhi.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Induna yasondela kuye, yathi kuye: “Uthini wena olele ubuthongo na?” sukuma, ubize uNkulunkulu wakho, uma uNkulunkulu esikhumbula, ukuze singalahleki.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJona 1:6
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi kuzo: “Ngesikhathi umntwana esaphila ngazila ukudla, ngakhala, ngicabanga ukuthi ngubani owaziyo hleze uSimakade abe nomusa kimi aphile umntwana.


“Hamba uqoqe bonke abaJuda abahlala eShushani; nizile ngenxa yami, ningadli, ningaphuzi kuze kuphele izinsuku ezintathu, imini nobusuku. Mina nezintombi ezingisebenzelayo sizozila njengani; ngiyobe sengiya-ke enkosini noma kungukwephula umthetho lokho. Uma ngibhubha, mangibhubhe.”


Base bekhala kuSimakade ekuhluphekeni kwabo, wayesebakhulula ezinsizini zabo.


Lapho ebabulala, bamfuna, babuye bamfunisisa uNkulunkulu.


Nibachobozeleni abantu bami, nafihliza ubuso babampofu na?” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.


“Kungani nisho lesi saga kwa-Israyeli, esithi: “ ‘Oyise badla amagilebhisi amuncu, amazinyo abantwana aba buthuntu,’ na?


USimakade ulikhiphile izwi lakhe phambi kwempi yakhe, ngokuba amabutho akhe maningi kakhulu, impela owenza izwi lakhe unamandla. Nokho usuku lukaSimakade lukhulu, futhi luyesabeka ngokwedlulele. Pho ngubani ongalumela na?


Zondani okubi, nithande okuhle; niqinise ubulungiswa esangweni, hleze uSimakade uNkulunkulu Wamabandla ayihawukele insali kaJosefa.”


kodwa abantu nemfuyo makwembathe amasaka, kukhulekwe kakhulu kuSimakade, kube yilowo nalowo aphenduke, ashiye ububi nobudlova bakhe.


Kwazi bani? Hleze uNkulunkulu angacabanga ngokunye, abe nobubele kithi, alubambe ulaka lwakhe oluvuthayo, angabe esasibhubhisa.”


Nokho uPawula waphendula wathi: “Nenzani ukuba nikhale nidabukise inhliziyo yami na? Ngokuba mina sengikulungele, hhayi nje ukuboshwa kuphela, kodwa nokufa eJerusalema ngenxa yegama leNkosi uJesu.”


Yenzani lokhu, ngokuba nazi isikhathi ukuthi sekuyihora lokuba nivuke ebuthongweni. Ngokuba manje insindiso isisondele kithi kunangaleso sikhathi esaqala ngaso ukukholwa.


ngokuba konke okubonakalayo kungukukhanya. Ngalokho kuthiwa: “Phaphama wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKhristu uzakukukhanyisa.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka