Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 23:2 - IsiZulu 2020

2 Ngakho-ke usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ngabelusi abelusa abantu bami, uthi: “Nizihlakazile nazixosha izimvu zami, anizinakekelanga. Bhekani, ngizonijezisa ngenxa yobubi bezenzo zenu,” kusho uSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngabelusi abelusa abantu bami, uthi: “Nihlakazile izimvu zami, nazixosha, anizihambelanga. Bhekani, ngiyakuhambela ububi bezenzo zenu kini,” usho uJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli mayelana nabelusi abelusa abantu bami; Wahlakaza izimvu zami, wazixosha, awuzihambelanga; bhekani, ngiyakunihambela ngobubi bezenzo zenu,” usho uJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 23:2
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Hamba manje, uhole abantu ubayise endaweni engakhuluma ngayo kuwe. Uyabona-ke, ingelosi yami izohamba phambi kwakho, kodwa lapho lufika usuku lokubajezisa, ngiyobajezisa ngenxa yesono sabo.”


Abelusi bayiziphukuphuku, abazange bamfune uSimakade; ngakho-ke abaphumelelanga, nomhlambi wabo wonke uhlakazekile.


“Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Bheka, ngiyakubajezisa; izinsizwa ziyokufa ngenkemba. Amadodana namadodakazi azo ayobulawa yindlala,


Kepha uma ningalaleli; umphefumulo wami uyakukhala ngasese, ngenxa yokuzigqaja kwenu; iso lami liyakukhala kalusizi, liphophoze izinyembezi; ngokuba umhlambi kaSimakade uthunjiwe.


Phakamisani amehlo enu, nibone abavela enyakatho; uphi umhlambi enaphiwa wona, izimvu zakho ezinhle na?


Uyakuthini lapho emisa phezu kwakho labo okade ubafundisile ukuba babe ngabangani bakho, babe ngumholi na? Awuyukukhungathwa yini yimihelo njengowesifazane obelethayo na?


“Mina Simakade ngiyayiphenya inhliziyo, ngihlole nezinso; ukuba nginike yilowo nalowo njengokwezindlela zakhe, nanjengezithelo zezenzo zakhe.”


Wena ndlu kaDavide, usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Yenzani ubulungiswa ekuseni, nihlenge ophangiweyo esandleni somcindezeli, funa intukuthelo yami iphume njengomlilo, iyakuvutha, kungabi bikho oyicimayo ngenxa yobubi bezenzo zenu.


Umphrofethi, umphristi nabantu abayokuthi: ‘Ngumthwalo kaSimakade,’ ngiyomjezisa lowo muntu nabendlu yakhe.


USimakade kakwazanga ukuyibekezelela, ngenxa yezenzo zenu ezimbi nangenxa yezinengiso enizenzileyo, ngakho-ke izwe lakini liphenduke laba yincithakalo, imfucuza yoqobo, nesiqalekiso, okungekho muntu ohlala kulo kuze kube namuhla.


Angiyukubajezisa yini ngalokhu na?” kusho uSimakade. “Umphefumulo wami awuyukusijezisa yini isizwe esinjengalesi na?


Angiyukubajezisa yini ngenxa yalokho na?” kusho uSimakade. “Umphefumulo wami awuyukuziphindiselela yini esizweni esifana nalesi na?


Kabanamahloni ngezinengiso abazenzileyo, kabanamahloni nakancane; abakhophozi, kabazi, ngakho-ke bayakuwela phakathi kwalabo asebewile; ngesikhathi sokujeziswa kwabo bayakukhubeka, kusho uSimakade.


Bezihlakazekile ngenxa yokweswela umelusi; zahlakazeka zaba ngukudla kwazo zonke izilwane zasendle.


Ngiyakumjezisela izinsuku zoBhali lezo ayebashisela ngazo impepho, ezihlobisa ngezindandatho zakhe nangobucwebecwebe bakhe, elandela izithandwa zakhe, wangikhohlwa Mina,” kusho uSimakade.


Omuhle kubo unjengehlokozi elinameva; oqotho kubo mubi kunothango lwameva. Usuku lwabalindi bakho nolokujeziswa kwakho sekufikile; sekuyakuba ngukudideka kwabo.


“Intukuthelo yami ivuthela abelusi. Ngiyakubajezisa abaholi bomhlambi, ngokuba uSimakade Wamabandla uyawunakekela umhlambi wakhe, indlu yakwaJuda. Uyakubenza bafane nehhashi lobukhosi bakhe empini.


Ngokuba sengizakuvusa umelusi ezweni ongayukuzinakekela ezilimeleyo, angazifuni ezihlakazekileyo, angazelaphi ezinamanxeba, angazesekeli ezintekenteke, kodwa adle inyama yezikhulupheleyo, adabule izinselo zazo.”


ngihamba ze, nangembathisa; ngangigula, nangihambela; ngangisejele, nangivakashela.’


ngangingumfokazi, anangingenisa ezindlini zenu; ngihamba ze, aningembathisanga; ngigula, ngisetilongweni, aningivakashelanga.’


Ukukholwa okumhlophe nokungangcolisiwe phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu: ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo, nokuba umuntu azigcine engenacala lokwezwe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka