Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 23:1 - IsiZulu 2020

1 “Maye, kubelusi ababhubhisa, bahlakaze izimvu zedlelo lami!” kusho uSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Wo kubo abelusi abachitha, bazihlakaze izimvu zedlelo lami!” usho uJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Maye kubelusi abachitha futhi bahlakaze izimvu zedlelo lami! kusho uJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 23:1
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abelusi bayiziphukuphuku, abazange bamfune uSimakade; ngakho-ke abaphumelelanga, nomhlambi wabo wonke uhlakazekile.


Abelusi abaningi basicekele phansi isivini sami, basinyathela isabelo sami, ifa lami elinxanelekayo balenze ihlane eliyincithakalo.


Kepha uma ningalaleli; umphefumulo wami uyakukhala ngasese, ngenxa yokuzigqaja kwenu; iso lami liyakukhala kalusizi, liphophoze izinyembezi; ngokuba umhlambi kaSimakade uthunjiwe.


“Njengesela linxothoza lapho selibanjiwe, iyakuba njalo nendlu yakwa-Israyeli; iyokuba namahloni, yona namakhosi ayo, izikhulu zabo, abaphristi babo, nabaphrofethi babo


Abaphristi abashongo ukuthi: ‘Uphi uSimakade na?’ Abaphethe umthetho babengazi, ababusi baphambuka kimi, abaphrofethi baphrofetha ngoBhali, balandela okungenakusiza.


Umoya uyakubelusa bonke abelusi bakho, nezithandwa zakho ziyakuthunjwa; impela uyakuba namahloni, ujabhe ngenxa yabo bonke ububi bakho.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ngabelusi abelusa abantu bami, uthi: “Nizihlakazile nazixosha izimvu zami, anizinakekelanga. Bhekani, ngizonijezisa ngenxa yobubi bezenzo zenu,” kusho uSimakade.


“Abantu bami babe yizimvu ezilahlekileyo; baphambukiswe ngabelusi babo, babazulazulisa ezintabeni, basuka entabeni, baya egqumeni, bayikhohlwa indawo yabo yokuphumula.


Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Maye, kubaphrofethi abayiziwula, abalandela umoya wabo, nalokho abangakubonanga!


Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:


Ngokuba nizisunduza ngohlangothi nangehlombe, niqhubukusha zonke ezigulayo ngezimpondo zenu, nize nizihlakazele ngaphandle,


“ ‘ “Nina niyizimvu zami, niyizimvu zedlelo lami, nabantu bami, Mina nginguNkulunkulu wenu,” ’ ” kusho uSimakade.


Babe baningi ngangemihlambi yaseJerusalema eyehlukaniselwe umhlatshelo ngesikhathi esimiselwe imikhosi yakhona. Kanjalo-ke nemizi ebisele dengwane iyakugcwala izinkumbi zabantu, bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.’ ”


“Intukuthelo yami ivuthela abelusi. Ngiyakubajezisa abaholi bomhlambi, ngokuba uSimakade Wamabandla uyawunakekela umhlambi wakhe, indlu yakwaJuda. Uyakubenza bafane nehhashi lobukhosi bakhe empini.


Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe. Kepha uma impumputhe ihola enye impumputhe, zombili ziyakukhalakathela emgodini.”


Kwathi lapho ebona izixuku, waba nesihe ngazo, ngokuba zazikhathazekile, zithithibele njengezimvu ezingenamalusi.


Isela kalizi kungengokweba, ukubulala nokubhubhisa. Mina ngize lapha ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.


Oqashiweyo engesiye umelusi, nezimvu zingesizo ezakhe, uma ebona inkentshane liza, uyazishiya izimvu, athi galo yephuka, bese inkentshane lizibhozomela, lizihlakaze,


Bonke abafika ngaphambi kwami babengamasela nabaphangi; izimvu azibalalelanga.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka