Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 23:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Maye kubelusi abachitha futhi bahlakaze izimvu zedlelo lami! kusho uJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Wo kubo abelusi abachitha, bazihlakaze izimvu zedlelo lami!” usho uJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 “Maye, kubelusi ababhubhisa, bahlakaze izimvu zedlelo lami!” kusho uSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 23:1
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba abelusi baba yiziwula, abamfunanga uJehova; ngalokho abayikuphumelela, nezimvu zabo zonke ziyakuhlakazwa.


Abelusi abaningi basichithile isivini sami, balinyathele phansi izwe lami, benzé izwe lami elimnandi laba ihlane eliyincithakalo.


Kodwa uma ningakuzwa, umphefumulo wami uyokhala ekusithekeni ngenxa yokuzidla kwenu; iso lami liyokhala kamunyu, lehle izinyembezi, ngokuba umhlambi kaJehova uthunjiwe.


Njengalokhu isela lijabha lapho lifunyanwa, kanjalo indlu yakwa-Israyeli inamahloni; bona, namakhosi abo, nezikhulu zabo, nabapristi babo, nabaprofethi babo,


Abapristi abashongo ukuthi: “Uphi uJehova na?” nabaphethe umthetho babengazi Mina;


Umoya uyakuqeda bonke abelusi bakho, nezithandwa zakho ziya ekuthunjweni; impela lapho uyakuba namahloni, ube namahloni ngabo bonke ububi bakho.


Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli mayelana nabelusi abelusa abantu bami; Wahlakaza izimvu zami, wazixosha, awuzihambelanga; bhekani, ngiyakunihambela ngobubi bezenzo zenu,” usho uJehova.


Abantu bami babe yizimvu ezilahlekileyo; abelusi bawo babadukisa, bawadukisa ezintabeni; basuka entabeni baya egqumeni, bakhohlwa indawo yabo yokuphumula.


Isho kanje iNkosi uJehova; Maye kubaprofethi abayiziwula abalandela owabo umoya kodwa ababonanga lutho!


Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:


Ngokuba washaya ngohlangothi nangehlombe, washaya zonke ezigulayo ngezimpondo zakho, waze wazihlakaza;


Nina, zimvu zami, zimvu zedlelo lami, ningabantu, mina nginguNkulunkulu wenu, isho iNkosi uJehova.


Njengomhlambi ongcwele, njengomhlambi waseJerusalema emikhosini yawo; kanjalo imizi eyincithakalo igcwale imihlambi yabantu, bazi ukuthi nginguJehova.


Intukuthelo yami yavuthela abelusi, ngahambela ezimbuzini, ngokuba uJehova Sebawoti wahambela umhlambi wakhe, indlu yakwaJuda, wabenza babe njengehhashi lakhe elihle empini.


Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe. Uma impumputhe ihola impumputhe, ziyakuyela emgodini zombili.


Kodwa ebona izixuku waba lesihelo ngazo, ngoba zazidiniwe, zihlakazekile njengezimvu ezingelamalusi.


Isela alizi kodwa ukweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.


Kodwa okhokhelwayo, engesiye umalusi, izimvu ezingezona ezakhe, ebona impisi iza, uyazishiya izimvu, abaleke, impisi izibambe, izihlakaze.


Bonke abake bafika ngaphambi kwami bangamasela nabaphangi, kepha izimvu azibezwanga.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka