Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 23:3 - IsiZulu 2020

3 “Mina, ngiyakuyiqoqa insali yezimvu zami emazweni wonke, lapho ngangiyixoshele khona, ngiyibuyisele emadlelweni ayo; iyakuchuma, yande.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 “Ngiyakubutha insali yezimvu zami emazweni onke, lapho ngiyixoshele khona, ngiyibuyisele ezibayeni zayo; iyakuchuma, yande.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngiyakubutha insali yezimvu zami emazweni onke engizixoshele kuzo, ngizibuyisele ezibayeni zazo; bayakuzala, bande.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 23:3
28 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Sisindise, Simakade Nkulunkulu wethu, siqoqe kwabezizwe ukuze silidumise igama lakho elingcwele, sikudumise ngentokozo.


kodwa sekuyothiwa: ‘Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade owabakhuphula abakwa-Israyeli enyakatho nasemazweni wonke lapho ayebaxoshele khona;’ ngiyakubabuyisela ezweni lakubo, engalinika okhokho babo.


Ngiyakufunyanwa yinina,” kusho uSimakade, “ngiyakukuqeda ukuthunjwa kwenu, nginiqoqe kuzo zonke izizwe nasezindaweni zonke lapho nginixoshele khona, nginibuyisele endaweni enganisusa kuyo nganiyisa ekuthunjweni,” kusho uSimakade.


“ ‘Ungesabi wena Jakobe, nceku yami,’ kusho uSimakade, ‘ungesabi, Israyeli, ngokuba bheka, ngiyakukusindisa usekude, nabozalo lwakho ezweni othunjwelwe kulo. UJakobe uyakubuya, aphumule, agcineke angesatshiswa muntu,


Ngokuba bheka, izinsuku ziyeza,’ kusho uSimakade, ‘lapho ngiyakuqeda ukuthunjwa kwabantu bami, u-Israyeli noJuda, bese ngibabuyisela ezweni engalinika okhokho babo ukuba balidle,’ ” kusho uSimakade.


Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “Mhlabeleleni ngentokozo uJakobe, nihlokomele inhloko yezizwe, nizwakalise ukudumisa, nithi: ‘Simakade, sindisa abantu bakho insali yakwa-Israyeli.’


Bheka, ngiyakubabuyisa enyakatho, ngibaqoqe emikhawulweni yomhlaba; phakathi kwabo kukhona izimpumputhe, izinyonga, abakhulelwe, nabatetayo, bonke bayakubuya kanyekanye, beyibandla elikhulu.


bheka, ngiyakubaqoqa emazweni wonke lapho ngibaxoshele khona ngentukuthelo, ngokufutheka, nangolaka lwami olukhulu; ngibabuyisele kule ndawo, ngibenze ukuba bahlale belondekile;


“Kepha ungesabi wena Jakobe, nceku yami; ungadangali, Israyeli, ngokuba bheka, ngiyakukusindisa usendaweni ekude; ngisho nabozalo lwakho ezweni abathunjelwe kulo. UJakobe uyakuba ongaphazanyiswa lutho, avikeleke, angasatshiswa muntu.


Ngiyakumbuyisela u-Israyeli emadlelweni akhe, aklabe eKharmeli naseBhashani, adle, asuthe ezintabeni zakwa-Efrayimi nezakwaGileyadi.


Insali yonke eseleyo kulowo nalowo mndeni omubi, iyoqoma ukufa kunokuphila, leyo eyosala ezindaweni zonke, lapho ngiyidingisele khona,’ ” kusho uSimakade Wamabandla.


“Ngakho-ke wothi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngiyakuniqoqa ezizweni, nginiqoqe emazweni enihlakazelwe kuwo, futhi ngininike izwe lakwa-Israyeli.” ’ ”


Ngiyakuwandisa umumo wabantu nezilwane, kwande, kuzalane. Ngiyakwenza ukuba kuhlalwe kini njengakuqala, nginenzele okuhle kunakuqala, niyakukwazi ukuthi nginguSimakade.


“ ‘ “Ngiyakunithatha ezizweni, nginiqoqe emazweni wonke, nginiyise ezweni lakini.


“Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Kuyakuthi lapho indlu yakwa-Israyeli inginxusa ukuba ngiyenzele lokhu: ngiyakuyandisela abantu bayo, babe ngangezimvu.


“ ‘Ngiyonenzela umusa, nginenze nichume kakhulu, nginandise, ngiqinise isivumelwano sami nani.


“Impela ngiyakumqoqa wonkana uJakobe; ngiyihlanganise ndawonye ngempela insali yakwa-Israyeli, ngiyiqoqele ndawonye njengezimvu esibayeni, nanjengomhlambi phakathi edlelweni lawo, kube nokuxokozela kwabantu.


Ngalolo lusuku abantu bayakufika kuwe bevela e-Asiriya nasemizini eGibhithe, kusukela eGibhithe kuze kube semfuleni, kusukela olwandle kuze kube solwandle, kusukela entabeni kuze kube sentabeni.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka