Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 49:3 - IsiZulu 2020

3 “Wena Rubeni uyizibulo lami, ungamandla ami, engabonakalisa ngawo ubudoda bami, uyingqongqo, unesithunzi, ingqongqo enamandla ukubedlula bonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 “Rubeni, uyizibulo lami wena, amandla ami, ukuqala kwezikhwepha zami, ingqongqo ngesithunzi, ingqongqo ngamandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Rubeni, uyizibulo lami, amandla ami, nengqalo yamandla ami, ubuhle besithunzi, nobuhle bamandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 49:3
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ULeya wakhulelwa, wazibula ngendodana, wayiqamba igama wathi nguRubeni, ngokuba wathi: “Kungoba uSimakade ulubonile usizi lwami. Impela umyeni wami usezongithanda manje.”


Kwathi u-Israyeli esehleli kulelo lizwe, uRubeni walala noBhiliha isancinza sikayise. Uyise u-Israyeli wezwa ngaleyo ndaba. UJakobe wayenamadodana ali-12.


Amadodana kaLeya kwakunguRubeni, izibulo likaJakobe, kulandele uSimeyoni, uLevi, uJuda, u-Isakhare noZabuloni.


Nanka amagama abakwa-Israyeli abahamba baya eGibhithe noJakobe nesizukulwane sakhe: uRubeni, izibulo lakhe,


UJosefa wathi kuyise: “Hhayi kanjalo baba, ngokuba lona nguye oyizibulo, beka isandla sakho sokunene ekhanda lakhe.”


Nanka amadodana ka-Israyeli: uRubeni, uSimeyoni, uLevi, uJuda, u-Isakhare, uZebuloni,


Amadodana kaRubeni, izibulo lika-Israyeli. Wayeyizibulo, kodwa ngenxa yokuba wangcolisa umbhede kayise, ubuzibulo bakhe banikwa amadodana kaJosefa, indodana ka-Israyeli, futhi akabhalwangwa nasezizukulwaneni njengezibulo.


Amadodana kaRubeni, izibulo lika-Israyeli: kwakunguHanokhi, uPhalu, uHezironi noKharmi.


Washaya namazibulo wonke ezweni lakubo, okokuqala kwamandla abo.


Washaya amazibulo wonke aseGibhithe, okokuqala kwamandla abo, emathendeni kaHamu.


“URubeni uyakuba nesabelo ngasemngceleni wakwa-Efrayimi, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga.


Abozalo lukaRubeni izibulo lika-Israyeli, nazo zonke izizwe zakwa-Israyeli, ngokolibo lwabo, ngemindeni yabo nangokwezizwana zokhokho babo, ngokwenani lamagama, bonke abesilisa ababeneminyaka engama-20 nangaphezulu abase bengaya empini:


URubeni, izibulo lika-Israyeli: abozalo lukaRubeni: kuHanokhi: ngumndeni wabakwaHanokhi; kuPhalu: ngumndeni wabakwaPhalu;


Kodwa uyokuvuma obala ukuthi indodana yesaliwakazi yiyo eyizibulo ngokuyinika isabelo esiphindiweyo sakho konke anakho, ngokuba yiyona engukuqala kwamandla akhe; ilungelo lobuzibulo lingelayo.”


Nampa abayokuma entabeni i-Ebhali ukuba baqalekise: uRubeni, uGadi, u-Asheri, uZebuloni, uDani, noNafethali.


“Sengathi uRubeni angaphila, angafi; amadodana akhe ande kakhulu.


“Nakuyo ingelosi yebandla laseLawodikheya loba, ukuthi: “ ‘Nakhu akushoyo u-Amen, ufakazi othembekileyo noqinisileyo, ukuqala kokudaliweyo kukaNkulunkulu, uthi:


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka