Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UGenesise 49:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 “Rubeni, uyizibulo lami wena, amandla ami, ukuqala kwezikhwepha zami, ingqongqo ngesithunzi, ingqongqo ngamandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 “Wena Rubeni uyizibulo lami, ungamandla ami, engabonakalisa ngawo ubudoda bami, uyingqongqo, unesithunzi, ingqongqo enamandla ukubedlula bonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Rubeni, uyizibulo lami, amandla ami, nengqalo yamandla ami, ubuhle besithunzi, nobuhle bamandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 49:3
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ULeya wakhulelwa, wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uRubeni, ngokuba wathi: “UJehova ubonile ukuhlupheka kwami; manje umyeni wami uyakungithanda.”


Kwathi u-Israyeli esehlala kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wakuzwa lokho. Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili.


Amadodana kaLeya ayenguRubeni, izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni.


Lawa angamagama abantwana bakwa-Israyeli abafika eGibithe, uJakobe namadodana akhe: nguRubeni izibulo likaJakobe.


Wayesethi uJosefa kuyise: “Kungabi njalo, ngokuba lo uyizibulo; beka esokunene sakho ekhanda lakhe.”


Nanka amadodana ka-Israyeli: oRubeni, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni,


Amadodana kaRubeni, izibulo lika-Israyeli ngokuba wayeyizibulo; kepha njengokuba wangcolisa umbhede kayise, ubuzibulo bakhe banikwa amadodana kaJosefa indodana ka-Israyeli, futhi akabhalwa ngezizukulwane njengezibulo.


Amadodana-ke kaRubeni, izibulo lika-Israyeli: ngoHanoki, noPhalu, noHesironi, noKarmi.


Washaya namazibulo onke ezweni lakubo, okokuqala kwamandla abo.


Washaya amazibulo onke aseGibithe, okokuqala kwamandla abo ematendeni kaHamu.


“Ngasemkhawulweni wakwa-Efrayimi, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uRubeni uyakuba nesabelo.


Abantwana bakwaRubeni, izibulo lika-Israyeli, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, ngezinhloko zabo, bonke abesilisa kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:


URubeni, izibulo lika-Israyeli: amadodana kaRubeni: kwaHanoki: ngumndeni wakwaHanoki; kwaPhalu: ngumndeni wakwaPhalu;


kepha avume ukuba indodana yowaliwayo ibe yizibulo ngokuyinika isabelo esiphindiweyo sakho konke anakho, ngokuba yona ingukuqala kwamandla akhe; ilungelo lezibulo lingelayo.


laba bayakuma entabeni yase-Ebali babe ngabokuqalekisa: oRubeni, noGadi, no-Asheri, noZebuloni, noDani, noNafetali.


“Makaphile uRubeni, angafi; amadoda akhe abe ngumumo omkhulu.”


“Nakuyo ingelosi yebandla laseLawodikeya loba ukuthi: “Nakhu akushoyo u-Amen, ufakazi othembekayo noqinisileyo, ukuqala kokudaliweyo kukaNkulunkulu, uthi:


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka