Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 47:4 - IsiZulu 2020

4 Baqhubeka bathi kuFaro: “Size ukuzogogobala kuleli lizwe, ngokuba akukho madlelo emfuyo yezinceku zakho, lokhu indlala ibhokile eKhanani. Ngakho-ke izinceku zakho ziyacela ukuba uzivumele zihlale eGosheni.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Bathi kuFaro: “Size ukugogobala ezweni, ngokuba akukho dlelo lemihlambi yezinceku zakho, lokhu indlala inzima ezweni laseKhanani; ngalokho izinceku zakho mazakhe ezweni laseGosheni.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Bathi kuFaro: “Ngokuba size ukugogobala ezweni; ngokuba izinceku zakho azinadlelo lemihlambi yazo; ngoba indlala inzima elizweni leKhanani. Manje izinceku zakho mazihlale ezweni laseGosheni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 47:4
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwase kuhlasela indlala eKhanani, u-Abhrama wayesehlela eGibhithe ukuyogogobala khona, ngokuba indlala yayidlangile ezweni lakubo.


Wathi ku-Abhrama: “Yazi lokhu ukuqonde ukuthi inzalo yakho iyokuba ngabafokazi ezweni okungesilo elayo, ibe yizigqila, icindezelwe iminyaka engama-400.


Indlala yayisalokhu idlangile ezweni.


Uyohlala eGosheni ukuze ube seduze kwami, wena nabantwana bakho, nabazukulu bakho, nemihlambi yakho yonke yezimvu nezinkomo, nakho konke onakho.


Niyothi: ‘Izinceku zakho selokhu kwathi nhlo zingabantu bemfuyo, thina nawobaba,’ ukuze anivumele nihlale eGosheni, ngokuba kwabaseGibhithe abelusi bayanengeka.”


UFaro wathi kuJosefa: “Uyihlo nabafowenu beze kuwe,


U-Israyeli wayesefika eGibhithe, uJakobe wagogobala ezweni likaHamu.


Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ekuqaleni abantu bami behlela eGibhithe, bagogobala khona. I-Asiriya labacindezela ngaphandle kwesizathu.


“Kepha kwafika indlala kulo lonke iGibhithe naseKhanani, nokuhlupheka okukhulu; okhokho kabakutholanga ukudla.


UNkulunkulu wakhuluma kanje, wathi: ‘Ulibo lwakhe luzakuba ngumfokazi ezweni lezizwe; bayakulugqilaza, baluphathe kabi iminyaka engama-400.


Wena uyophendula phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Ukhokho wami wayengumAramu owayezulazula, wehlela eGibhithe, wagogobala khona nabantu abayingcosana; waba yisizwe esikhulu khona, esinamandla nesiningi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka