Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 13:5 - IsiZulu 2020

5 Lowo mphrofethi noma lowo mphuphi wamaphupho uyobulawa, ngokuba ukhulume okunihlubukisa kuSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe. Ngokuba nahlengwa endlini yobugqila, ukuba ningaphambukiswa endleleni uSimakade uNkulunkulu wenu aniyala ukuba nihambe ngayo. Niyobususa lobo bubi phakathi kwenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Lowo mprofethi noma lowo mphuphi wamaphupho wobulawa, ngokuba ukhulumile okunihlubukisa uJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe, wakuhlenga endlini yobugqila, ukuba akuphambukise endleleni uJehova uNkulunkulu wakho akuyala ukuba uhambe ngayo. Uyakukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Lowo mprofethi, noma lowomphuphi wamaphupho, uyobulawa; ngoba ukhulume ukuthi akususe kuJehova uNkulunkulu wakho owakukhupha elizweni leGibhithe, wakuhlenga endlini yobugqili, ukuthi akuxotshe endleleni uJehova uNkulunkulu wakho akulaya ukuthi uhambe ngayo. Ngalokho kumelwe ususe ububi phakathi kwakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 13:5
34 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lowo muntu kaNkulunkulu wabuya nalowo mphrofethi, wafika endlini yakhe wadla isinkwa, waphuza namanzi.


U-Eliya wathi kubo: “Bambani abaphrofethi bakaBhali, kungabaleki noyedwa kubo.” Bababamba, u-Eliya wabehlisela emfudlaneni iKishoni, wababulalela lapho.


Inkosi yema endaweni yayo, yenza isivumelwano phambi kukaSimakade, sokuthi izomlandela uSimakade, igcine imiyalo yakhe, ubufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngenhliziyo yayo yonke, nangomphefumulo wayo wonke, futhi iyakuwagcina amazwi esivumelwano ayelotshwe kule ncwadi.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade ngabaphrofethi abaphrofetha egameni lami, ngingabathumanga, bathi: ‘Akuyukuba bikho nkemba nandlala kuleli lizwe,’ bazokufa ngenkemba, nangendlala laba baphrofethi.


ngalokho-ke usho kanje uSimakade ngaye, uthi: bhekani, ngiyakumjezisa uShemaya waseNehelamu nabozalo lwakhe. Akayukuba namuntu oyosala kulaba bantu, futhi akayukukubona okuhle engiyakukwenzela abantu bami, ngokuba ukhulume ngokuhlubuka kuSimakade, kusho uSimakade.’ ”


“Abantu bami babe yizimvu ezilahlekileyo; baphambukiswe ngabelusi babo, babazulazulisa ezintabeni, basuka entabeni, baya egqumeni, bayikhohlwa indawo yabo yokuphumula.


kodwa ngabayala ngalokhu, ngathi: lalelani izwi lami, ngiyakuba nguNkulunkulu wenu, nina nibe ngabantu bami, niyakuhamba ngazo zonke izindlela enganiyala ngazo, ukuze kunihambele kahle konke.


Kuyakuthi uma omunye ephrofetha, uyise nonina abamzalayo bathi kuye: ‘Kufanele ufe, ngokuba uqambe amanga egameni likaSimakade,’ uyise nonina bayakumgwaza esaphrofetha.


Kepha u-Elimasi, umlumbi, ngokuba yigama lakhe lelo uma lihunyushwa, wamelana nabo, efuna ukuphambukisa umbusi ekukholweni.


Kepha uNkulunkulu uyakubahlulela abangaphandle. Mxosheni-ke lo omubi phakathi kwenu.


Niyakumkhanda ngamatshe aze afe, ngokuba uzame ukunihlubukisa kuSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe, indlu yobugqila.


uyozibulala ngenkemba izakhamuzi zalowo muzi, uwuchithe impela, nakho konke okuphakathi kwawo, nemfuyo yawo, ukubhubhise ngenkemba.


kepha niyombulala impela. Nguwena oyogalela kuqala bese kulandela bonke abantu lapho ebulawa.


lowo wesilisa noma wesifazane uyomkhiphela ngaphandle komuzi lokhu enzile into embi, umkhande ngamatshe, aze afe.


Yilabo ofakazi abayoqala ukumkhanda ngamatshe, bese kulandela abantu. Uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.”


Kepha umphrofethi oyozitshela ukuthi ukhuluma izwi eGameni lami, ngibe ngingamyalanga ukuba akhulume, noma okhuluma egameni labanye onkulunkulu, lowo mphrofethi uyakufa.’


uyokwenza kuye lokho abehlose ukukwenza kumuntu wezwe lakubo; uyobususa kanjalo ububi phakathi kwenu.


bayoyikhiphela ngasemnyango wendlu kayise intombi, amadoda omuzi ayikhande ngamatshe ize ife, ngokuba yenze ihlazo kwa-Israyeli, yafeba, yahlaza indlu kayise. Uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.


bobabili niyobakhiphela ngasesangweni lalowo muzi, nibakhande ngamatshe baze bafe, intombi, ngokuba ayikhalanga emzini yafuna usizo, nendoda, ngokuba imonile umfazi womakhelwane wayo. Uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.


“Uma umuntu ebanjwa eduna omunye wabafowabo babantu bakwa-Israyeli, amphathe njengesigqila, noma athengise ngaye, lowo mduni uyokufa, ngaleyo ndlela uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.


Angikudlanga okweshumi ekulileni kwami, angisusanga lutho kukho ngingcolile, anginikelanga ngakho kofileyo; ngilalele izwi likaSimakade uNkulunkulu wami, ngikwenze konke njengalokhu ungiyalile.


hleze uphakamisele amehlo akho ezulwini, ubone ilanga, inyanga, izinkanyezi, nalo lonke ibandla lezulu, bese uyengeka, ukhuleke kukho, ukukhonze, lokho uSimakade uNkulunkulu wakho akwabele izizwe zonke eziphansi kwezulu.


“Mesabe uSimakade uNkulunkulu wakho; umkhonze Yena, ufunge igama lakhe.


ngokuba uyakuphambukisa indodana yakho ekungilandeleni bese ikhonza abanye onkulunkulu; intukuthelo kaSimakade ikuvuthele, akubhubhise masinyane.


kodwa nibambelele niqine kuSimakade uNkulunkulu wenu njengoba nenzile kuze kube namuhla.


Isilo sabanjwa kanye nomphrofethi wamanga owenza izibonakaliso phambi kwaso, abadukisa ngazo labo abemukela uphawu lwesilo nabakhuleka emfanekisweni waso. Labo bobabili baphonswa bephila echibini lomlilo elivutha isibabuli.


Manje, lethani lezo zigilamkhuba eziseGibheya ukuze sizibulale, sisuse ububi kwa-Israyeli.” Kodwa abakwaBhenjamini abafunanga ukulalela abafowabo bakwa-Israyeli.


Uma nimesaba uSimakade nimkhonza, nilalela izwi lakhe, ningahlubuki esiyalezweni somlomo kaSimakade, nina nenkosi yenu enibusayo, nilandela uSimakade uNkulunkulu wenu, nenza kahle.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka