Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 13:6 - IsiZulu 2020

6 “Uma umfowenu, indodana kanyoko, noma indodana yakho, noma indodakazi yakho, noma umkakho ocamela esifubeni sakho, noma umngani wakho eningamathe nolimi naye ekuyenga ngasese, ethi: ‘Masihambe siyokhonza abanye onkulunkulu eningabaziyo,’ nina nokhokho benu,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 “Uma umfowenu, indodana yakho, noma indodakazi yakho, noma umkakho osesifubeni sakho, noma umngane wakho onjengomphefumulo wakho ekuyenga ngasese, ethi: ‘Masiye ukukhonza abanye onkulunkulu ongabaziyo,’ wena nawoyihlo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Uma umfowenu, noma indodana kanyoko, noma indodana yakho noma indodakazi yakho, noma umfazi wesifuba sakho noma umngane wakho ofana nomphefumulo wakho, ekuyenga ngasese, ethi: Masihambe, sikhonze abanye onkulunkulu, osibusisile. Akwaziwa, nani noma oyihlo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 13:6
50 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USarayi wayesethi ku-Abhrama: “Sengathi lokhu okubi okwenzeka kimi lingathwalwa nguwe icala lakho. Mina ngakunika incekukazi yami, ithe ingazibona ukuthi isikhulelwe yayisingibukela phansi. USimakade makehlulele phakathi kwakho nami.”


“Ngidabukile ngawe mfowethu, Jonathani; wawuyigugu elikhulu kimi; lwaluyisimangaliso kimi uthando lwakho, ludlula uthando lwabesifazane.


U-Eliya wathi kubo: “Bambani abaphrofethi bakaBhali, kungabaleki noyedwa kubo.” Bababamba, u-Eliya wabehlisela emfudlaneni iKishoni, wababulalela lapho.


Bonke abantu abahlala ezweni baya endlini kaBhali, bayibhidliza, ama-althare ayo nezithombe zayo bakuphahlaza kwaba yizicucu, babulala uMathani, umphristi kaBhali, phambi kwama-althare. Umphristi wabeka abalindi endlini kaSimakade.


Bavumelana nangokuthi bonke abangayukumfuna uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli bayobulawa; noma ngabe bancane noma badala, owesilisa noma owesifazane.


Bonke abantu baya endlini kaBhali, bayibhidliza, baphihliza ama-althare ayo nezithombe zayo. UMathani, umphristi kaBhali, bambulalela phambi kwama-althare.


inhliziyo yami yayengeka esithe, ngaqabula isandla sami,


UMose wathi kubantu: “Lukhumbuleni lolu lusuku enaphuma ngalo eGibhithe endlini yobugqila, ngokuba uSimakade wanikhipha lapho ngesandla sakhe esinamandla; makungadliwa sinkwa esinemvubelo ngalo.


Wayesethi kuwo: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Yilowo nalowo makagaxe inkemba enqulwini yakhe, adabule enkanjini, ehle enyuka kusukela kwelinye isango kuya kwelinye isango enkanjini, yilowo nalowo abulale umfowabo, umngani wakhe, nomakhelwane wakhe.’ ”


Umuntu wabangani uzilimaza yena, kodwa umngani weqiniso uyanamathela ukwedlula izelamani.


Ndodana yami, yini ekwenza uhlanyiswe ngumfazi ondindayo, ugone umfazi ongamazi esifubeni na?


Umphrofethi uJeremiya wayesethi kuHananiya, umphrofethi: “Ake ulalele, Hananiya, uSimakade akakuthumanga, kodwa wena usuwenze laba bantu bethembela emangeni.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: ‘Uyabona-ke, ngiyakukuxosha ebusweni bomhlaba, futhi uzakufa kuwo lo nyaka ngokuba ukhulume ngokuthi abantu bahlubuke kuSimakade.’ ”


ngenxa yobubi babo ababenzayo, bachukuluza ulaka lwami, ngokuhamba bayoshisa impepho, bakhonza abanye onkulunkulu abangazange babazi bona, nani, nokhokho benu.


Kuyakuthi uma omunye ephrofetha, uyise nonina abamzalayo bathi kuye: ‘Kufanele ufe, ngokuba uqambe amanga egameni likaSimakade,’ uyise nonina bayakumgwaza esaphrofetha.


Kanjalo thina kusukela manje, asisazi muntu ngokwenyama; nakuba besimazi uKhristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi.


Kukhona abazalwane mbumbulu abangena isinyenyela bezokuba yizinhloli zenkululeko esinayo kuKhristu uJesu, ukuze basenze izigqila.


ukuze singabe sisaba yizingane, siphonswa le nale ngamagagasi, sipheshulwa yinoma yimuphi umoya wemfundiso ngokukhohlisa kwabantu nangobuqili obunamacebo adukisayo.


Niyakuqikelela ukugcina zonke izimiso nezehlulelo engizibeka phambi kwenu namuhla.”


kuthi leso sibonakaliso noma isimangaliso asishilo kini senzeke, bese ethi: ‘Masilandele abanye onkulunkulu eningabaziyo, sibakhonze,’


onkulunkulu babantu abanizungezile, abaseduze nabakude nani, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuze kufike kolunye,


Umuntu oziqhenyayo, ongafuni ukulalela umphristi omiyo okhonza phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, noma umehluleli, lowo muntu umelwe ngukufa; wena ukhiphe ububi kwa-Israyeli.


Kepha umphrofethi oyozitshela ukuthi ukhuluma izwi eGameni lami, ngibe ngingamyalanga ukuba akhulume, noma okhuluma egameni labanye onkulunkulu, lowo mphrofethi uyakufa.’


uyokwenza kuye lokho abehlose ukukwenza kumuntu wezwe lakubo; uyobususa kanjalo ububi phakathi kwenu.


Onke amadoda omuzi wakubo ayoyikhanda ngamatshe ize ife, uyobususa kanjalo-ke ububi phakathi kwakho, wonke u-Israyeli uyozwa, esabe.”


bayoyikhiphela ngasemnyango wendlu kayise intombi, amadoda omuzi ayikhande ngamatshe ize ife, ngokuba yenze ihlazo kwa-Israyeli, yafeba, yahlaza indlu kayise. Uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.


“Uma umuntu ebanjwa eduna omunye wabafowabo babantu bakwa-Israyeli, amphathe njengesigqila, noma athengise ngaye, lowo mduni uyokufa, ngaleyo ndlela uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.


Umuntu onokulunga phakathi kwenu, iso lakhe liyakuba libi kumfowabo, kumkakhe amthandayo, nakuyo insali yabantwana bakhe.


funa kube khona phakathi kwenu indoda, noma umfazi, noma umndeni, noma isizwe esinhliziyo yaso ifulathela uSimakade uNkulunkulu wethu namuhla ukuyokhonza onkulunkulu balezo zizwe, bese kuba khona phakathi kwenu impande ethela inhlungunyembe nokubabayo,


bese inhliziyo yakho iqhosha, umkhohlwe uSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila,


Ngikusho lokhu ukuze kungabi bikho muntu onikhohlisa ngamazwi ayengayo.


“Ngakho-ke suka ungcwelise abantu, uthi kubo: ‘Zingcweliseleni usuku lwakusasa, ngokuba usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli: kunezinto eziqalekisiweyo phakathi kwenu, Israyeli aniyukuma phambi kwezitha zenu nize nikhiphe phakathi kwenu izinto eziqalekisiweyo.


Kepha kwakukhona nabaphrofethi bamanga phakathi kwesizwe, njengokuba naphakathi kwenu kuzokuba khona abafundisi bamanga abazongenisa ngesinyenyela izimfundiso ezidukisayo nezibhubhisayo, bephika noMbusi owabathengayo, bazilethele ukubhujiswa okusheshayo.


Udrago omkhulu, inyoka endala okuthiwa nguMhlebi noSathane, odukisa umhlaba wonke; waphonswa phansi emhlabeni nezingelosi zakhe ezazinaye.


Siyabakhohlisa labo abakhileyo emhlabeni ngenxa yezibonakaliso esanikwa zona ukuba sizenze phambi kwesilo. Sitshela abakhileyo emhlabeni ukuba benze umfanekiso wesilo esasinenxeba lenkemba, kodwa esasinda.


yamphonsa kwalasha, yamvalela phakathi, yavala ngci ngophawu ngaphezu kwakhe, ukuze angabe esazidukisa izizwe, ize iphele iminyaka eyinkulungwane. Emva kwalokho kumele ukuba akhululwe okwesikhashana.


Abakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaSimakade, bakhonza oBhali no-Ashitharothi, onkulunkulu bama-Aramu, nonkulunkulu bamaSidoni, nonkulunkulu bakwaMowabi, nonkulunkulu bama-Amoni, nonkulunkulu bamaFilisti. Bamshiya kanjalo uSimakade, ababe besamkhonza.


Bamshiya uSimakade, bakhonza uBhali no-Ashitharothi.


Manje, lethani lezo zigilamkhuba eziseGibheya ukuze sizibulale, sisuse ububi kwa-Israyeli.” Kodwa abakwaBhenjamini abafunanga ukulalela abafowabo bakwa-Israyeli.


Bakhetha onkulunkulu abasha, kwase kuba khona impi emasangweni. Phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli, ukhona yini owake waphatha isihlangu nomkhonto, na?


Kwathi eseqedile ukukhuluma noSawule, inhliziyo kaJonathani yanamathela enhliziyweni kaDavide. UJonathani wamthanda njengoba ezithanda yena.


UJonathani noDavide benza isivumelwano, ngokuba uJonathani wamthanda njengoba ezithanda yena.


UJonathani waphinda wamfungisa mayelana nokumthanda kwakhe, ngokuba wayemthanda njengoba ezithanda yena.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka