Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 13:4 - IsiZulu 2020

4 “Niyolandela uSimakade uNkulunkulu wenu, nimesabe, nigcine imiyalo yakhe, nilalele izwi lakhe, nimkhonze, ninamathele kuye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Niyakuhamba emva kukaJehova uNkulunkulu wenu, nimesabe, niyigcine imiyalo yakhe, nililalele izwi lakhe, nimkhonze, ninamathele kuye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kumelwe ulandele uJehova uNkulunkulu wakho, umesabe, ugcine imiyalo yakhe, ulalele izwi lakhe, umkhonze, unamathele kuye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 13:4
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inkosi yema ngasensikeni, yenza isivumelwano phambi kukaSimakade ukuthi izomlandela, igcine imiyalo yakhe, ubufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngenhliziyo yayo yonke, nangomphefumulo wayo wonke, nokuthi iyogcina wonke amazwi alesi sivumelwano esibhalwe kule ncwadi. Bonke abantu basamukela isivumelwano.


Inkosi yema endaweni yayo, yenza isivumelwano phambi kukaSimakade, sokuthi izomlandela uSimakade, igcine imiyalo yakhe, ubufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngenhliziyo yayo yonke, nangomphefumulo wayo wonke, futhi iyakuwagcina amazwi esivumelwano ayelotshwe kule ncwadi.


kodwa ngabayala ngalokhu, ngathi: lalelani izwi lami, ngiyakuba nguNkulunkulu wenu, nina nibe ngabantu bami, niyakuhamba ngazo zonke izindlela enganiyala ngazo, ukuze kunihambele kahle konke.


Wena muntu, uSimakade ukutshelile ukuthi kuyini okuhle, nokuthi uSimakade ufunani kuwe, ukuthi wenze ubulungiswa, uthande ukwethembeka, uhambe ngokuthobeka kanye noNkulunkulu wakho.


Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki.


futhi ninganikeli ngezitho zenu esonweni, ukuba zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo, abavukile kwabafileyo; nezitho zenu nizinikeleni kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga,


Kepha ozihlanganisa neNkosi uyakuba moya munye nayo.


Uyomesaba uSimakade uNkulunkulu wakho, umkhonze, unamathele kuye, ufunge igama lakhe.


“Ngakho-ke uyomthanda uSimakade uNkulunkulu wakho, ugcine imithetho yakhe, izimiso zakhe, izehlulelo zakhe, nemiyalo yakhe izinsuku zonke.


umthande uSimakade uNkulunkulu wakho, ulalele izwi lakhe, unamathele kuye, ngokuba lokho kungukuphila kuwe nobude bezinsuku zakho, uyohlala ezweni uSimakade afunga kokhokho bakho, u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe, ukuthi uyakubanika lona.”


“Mesabe uSimakade uNkulunkulu wakho; umkhonze Yena, ufunge igama lakhe.


Mthande uSimakade uNkulunkulu wakho, ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo wonke amandla akho.


ukuze nihambe ngokufanele iNkosi, niyithokozise ngakho konke, nithela izithelo kuyo yonke imisebenzi elungileyo, nikhula ekumazini uNkulunkulu,


Uthando yilolu-ke, ukuba sihambe ngokwemiyalo yakhe. Yilo umyalo, njengalokho nawuzwa kwasekuqaleni, okumelwe sihambe ngawo.


USamuweli wathi kuyo yonke indlu yakwa-Israyeli: “Uma nibuyela kuSimakade ngenhliziyo yenu yonke, susani phakathi kwenu onkulunkulu babezizwe no-Ashitharothi, nibhekise izinhliziyo zenu kuSimakade, nikhonze Yena yedwa; uzonihlenga esandleni samaFilisti.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka