Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 13:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Niyakuhamba emva kukaJehova uNkulunkulu wenu, nimesabe, niyigcine imiyalo yakhe, nililalele izwi lakhe, nimkhonze, ninamathele kuye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 “Niyolandela uSimakade uNkulunkulu wenu, nimesabe, nigcine imiyalo yakhe, nilalele izwi lakhe, nimkhonze, ninamathele kuye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kumelwe ulandele uJehova uNkulunkulu wakho, umesabe, ugcine imiyalo yakhe, ulalele izwi lakhe, umkhonze, unamathele kuye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 13:4
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inkosi yema ngasensikeni, yenza isivumelwano phambi kukaJehova ukumlandela uJehova nokugcina imiyalo yakhe, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngenhliziyo yonke nangomphefumulo wonke ukuqinisa amazwi alesi sivumelwano alotshwe kule ncwadi; bonke abantu basivuma isivumelwano.


Inkosi yema endaweni yayo, yenza isivumelwano phambi kukaJehova ukumlandela uJehova nokugcina imiyalo yakhe, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngayo yonke inhliziyo yayo nangawo wonke umphefumulo wayo ukuba iwenze amazwi esivumelwano ayelotshwe kule ncwadi.


kepha ngabayala kuphela le nto yokuthi: Lalelani izwi lami, ngiyakuba nguNkulunkulu wenu, nina nibe ngabantu bami, nihambe ngezindlela zonke enganiyala ngazo ukuba kube kuhle kini.


Ukutshelile, muntu, okuhle; uJehova ufunani kuwe, kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa, uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?


Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki.


futhi ninganikeli izitho zenu esonweni, zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo nezitho zenu kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga,


Kepha ohlangene neNkosi ungumoya munye nayo.


Womesaba uJehova uNkulunkulu wakho, umkhonze, unamathele kuye, ufunge igama lakhe.


“Ngalokho wothanda uJehova uNkulunkulu wakho, ugcine imfanelo yakhe, nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe, nemiyalo yakhe izinsuku zonke.


ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho, ulilalele izwi lakhe, unamathele kuye, ngokuba lokho kungukuphila kwakho nobude bezinsuku zakho, ukuze uhlale ezweni uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukubanika lona.”


“Womesaba uJehova uNkulunkulu wakho; wokhonza yena, ufunge igama lakhe.


wothanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho.


nihambe ngokufanele iNkosi, niyithokozise ngakho konke, nithela izithelo emisebenzini yonke elungileyo, nikhula ekumazini uNkulunkulu,


Yilolu-ke uthando ukuba sihambe ngokwemiyalo yakhe; yiwo umyalo ukuba nihambe ngawo, njengalokho nezwa kwasekuqaleni.


USamuweli wakhuluma kuyo yonke indlu ka-Israyeli, wathi: “Uma nibuyela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yenu, susani kini onkulunkulu babezizwe no-Ashitaroti, nibhekise izinhliziyo zenu kuJehova, nimkhonze yena yedwa; uyakunophula esandleni samaFilisti.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka