Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 8:15 - IsiZulu 2020

15 Kwathi sengiwubonile umbono mina Daniyeli, ngafuna ukuwuqonda; bheka, kwase kumi phambi kwami okungathi isimo somuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Kwathi sengiwubonile umbono mina Daniyeli, ngafuna ukuwuqonda; bheka, kwase kumi phambi kwami kungathi isimo somuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Lapho mina, mina Daniyeli, ngibona umbono, ngafuna incazelo, bheka, kwakumi phambi kwami kungathi ukubonakala komuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 8:15
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba sizalelwe uMntwana, siphiwe iNdodana; umbuso uyokuba semahlombe akhe. IGama lakhe kuyothiwa nguMeluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, uMbusi wokuthula.


Bheka, onesimo samadodana abantu wathinta izindebe zami; ngase ngiwuvula umlomo wami, ngakhuluma, ngathi kowayemi phambi kwami: “Nkosi yami, ngenxa yombono imihelo ingehlele, angisenamandla.


Wabuye wangithinta obonakala njengomuntu, wangiqinisa.


ngaphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, nango umuntu embethe ilineni, ebhince okhalo igolide elicwengekileyo lase-Ufazi.


Ngakuzwa, kepha angiqondanga, ngase ngithi: “Nkosi yami, isiphetho salokho siyakuba yini na?”


“Ngabona emibonweni ebusuku; bheka, onjengendodana yomuntu wafika namafu ezulu; wafika komdala wezinsuku, wasondezwa phambi kwakhe.


“Nasi-ke isiphetho sendaba. Mina Daniyeli, imicabango yami yangikhathaza kakhulu, ubuso bami baphaphatheka, kodwa ngayigcina leyo ndaba enhliziyweni yami.”


Ngonyaka wesithathu wokubusa kwenkosi uBhelishazari kwabonakala kimi mina Daniyeli umbono emveni kwalokho okwakubonakale kimi kuqala.


Wathi: “Bheka, ngiyakukwazisa okuyakwenzeka ngasekupheleni kwentukuthelo, ngokuba kungokwesikhathi sokuphela.


Ngase ngithi: “Bangobani laba na?” Ingelosi eyayikhuluma nami yathi kimi: “Ngiyakukuchazela ukuthi bangobani laba.”


UJesu wayesezihlakaza izixuku, waya endlini. Abafundi bakhe basondela kuye, bathi: “Sichazele ngomzekeliso wokhula ensimini.”


“Ngakho-ke uma nibona amanyala anyantisayo, akhuluma ngawo uDaniyeli umphrofethi emi endaweni engcwele – ofundayo makaqaphele ukuthi kusho ukuthini.


“Khona kuyakubonakala isibonakaliso seNdodana yomuntu ezulwini, bese zikhala zonke izizwe zomhlaba. Zonke ziyakuyibona iNdodana yomuntu iza emafini ezulu, inamandla nenkazimulo enkulu.


“Kepha uma nibona amanyala echithakele lapho kungafanele khona – ofundayo makaqaphele. AbaseJudiya mababalekele ezintabeni,


ukuze bathi bebona nokubona, kodwa bangabonisisi; bathi bezwa nokuzwa, kepha bangaqondi, funa bapheduke, bathethelelwe.”


Yaphendula yathi: “Angisiye omunye walokho kokubili, kodwa ngingumkhuzi wempi kaSimakade, sengifikile ngizonisiza.” UJoshuwa wakhothama wathi mbo ngobuso emhlabathini, eyihlonipha, kodwa wathi kuyo: “Nkosi, uyiyala inceku yakho ukuba yenzeni na?”


Phakathi kwezinti zezibani kwakukhona ofana nendodana yomuntu, embethe ingubo ekhawula ezinyaweni, ezibophe ngebhande legolide ezibeleni.


Nakhu ukuhlakanipha. Onengqondo makabale isibalo sesilo, ngokuba siyisibalo somuntu: isibalo sakhe singama-666.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka