Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 8:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Kwathi sengiwubonile umbono mina Daniyeli, ngafuna ukuwuqonda; bheka, kwase kumi phambi kwami kungathi isimo somuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

15 Kwathi sengiwubonile umbono mina Daniyeli, ngafuna ukuwuqonda; bheka, kwase kumi phambi kwami okungathi isimo somuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Lapho mina, mina Daniyeli, ngibona umbono, ngafuna incazelo, bheka, kwakumi phambi kwami kungathi ukubonakala komuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 8:15
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba sizalelwa umntwana, siphiwa indodana; umbuso uyakuba semahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.


Bheka, onesimo samadodana abantu wathinta izindebe zami; ngase ngiwuvula umlomo wami, ngakhuluma, ngathi komi phambi kwami: “Nkosi yami, ngenxa yombono imihelo ingehlele, angisenamandla.


Wabuye wangithinta obonakala njengomuntu, wangiqinisa.


ngaphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, nango umuntu embethe ilineni, ebhince okhalweni igolide elicwengekileyo lase-Ufazi.


Ngakuzwa, kepha angiqondanga; bese ngithi: “Nkosi yami, ukuphela kwalokho kuyakuba yini na?”


“Ngabona emibonweni ebusuku; bheka, kwafika namafu ezulu onjengendodana yomuntu; yafika komdala wezinsuku, yasondezwa phambi kwakhe.


“Nakhu ukuphela kwendaba. Mina Daniyeli, imicabango yami yangikhathaza kakhulu, nokucwebezela kwami kwaguquka kimi, kepha ngayigcina indaba enhliziyweni yami.”


Ngomnyaka wesithathu wokubusa kwenkosi uBelishasari kwabonakala kimi mina Daniyeli umbono emva kwalokho okwabonakala kimi kuqala.


Wathi: “Bheka, ngiyakukwazisa okuyakwenzeka ngasekupheleni kwentukuthelo, ngokuba kungokwesikhathi sokuphela.


Ngase ngithi: “Bayini laba?” Ingelosi eyayikhuluma nami yathi kimi: “Ngiyakukubonisa ukuthi bayini laba.”


Khona wazishiya izixuku, weza endlini. Basondela kuye abafundi bakhe, bathi: “Sichasisele umfanekiso wokhula ensimini.”


“Ngakho-ke nxa nibona amanyala encithakalo ashiwo nguDaniyeli umprofethi emi endaweni engcwele – ofundayo makaqaphele –


“Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu, bese zikhala izizwe zonke zomhlaba, zibone iNdodana yomuntu iza emafwini ezulu, inamandla nenkazimulo enkulu.


“Kepha nxa nibona amanyala encithakalo emi lapho kungafanele khona – ofundayo makaqaphele – khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni,


ukuze ngokubona babone, bangabonisisi, nangokuzwa bezwe, bangaqondi, funa baphenduke, bathethelelwe.”


Yathi: “Qha, ngifikile njengesikhulu sebandla likaJehova.” UJoshuwa wayesewa ngobuso emhlabathini, wakhuleka, wathi kuyo: “Ithini inkosi yami encekwini yayo na?”


nofana nendodana yomuntu ephakathi kwezinti zezibani, embethe ingubo ekhawula ezinyaweni, ezibophe ngebhande* legolide ezibeleni;


Nakhu ukuhlakanipha. Onengqondo makabale isibalo sesilo, ngokuba siyisibalo somuntu. Nesibalo sakhe singamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka