Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 4:19 - IsiZulu 2020

19 Khona lapho uDaniyeli, ogama lakhe nguBhelitheshazari, wamangala isikhashana, imicabango yakhe yamesabisa. Inkosi yathi: “Bhelitheshazari, iphupho nencazelo makungakwesabisi.” UBhelitheshazari waphendula, wathi: “Nkosi, iphupho malibe ngelabakuzondayo, nencazelo yalo ibe ngeyezitha zakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Khona uDaniyeli ogama lakhe lalinguBeliteshasari wamangala isikhashana, imicabango yakhe yamesabisa. Inkosi yathatha yathi: “Beliteshasari, iphupho nencazo makungakwesabisi.” UBeliteshasari waphendula wathi: “Nkosi, iphupho malibe kwabakuzondayo, nencazo yalo kuzo izitha zakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Khona uDaniyeli, ogama lakhe lalinguBeliteshasari, wamangala ihora elilodwa, nemicabango yakhe yamethusa. Inkosi yasikhuluma yathi: Belitshazari, iphupho kakungakhathazi. UBeliteshasari waphendula wathi: “Nkosi yami, iphupho lingelabakuzondayo, nencazelo yalo ngezitha zakho;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 4:19
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

URaheli wathi kuyise: “Ungangithukutheleli ngokuba ngingazange ngisukume phambi kwakho, yingoba ngisesikhathini.” ULabani wacinga, kodwa akabatholanga onkulunkulu.


Ubomphendula uthi: ‘Ungowenceku yakho uJakobe, uyisipho asithumelela inkosi yami u-Esawu, naye uyeza emva kwethu.’ ”


UJosefa wathi kuye: “Nansi-ke incazelo yalo: amagatsha amathathu ayizinsuku ezintathu;


U-Obhadiya esesendleleni, wahlangana no-Eliya, wanele wambona, wawa ngobuso, wathi: “Ngabe wena uyinkosi yami u-Eliya na?”


Nokho ngiyakunxusa ukuba uthethelele isono sabo; uma ungabathetheleli, ngesule encwadini yakho oyibhalileyo.”


Funani inhlalakahle yomuzi lapho nithunjelwe khona, niwukhulekele kuSimakade, ngokuba inhlalakahle yawo kuyoba yinhlalakahle yenu.”


O, buhlungu bami, buhlungu bami, inhliziyo yami iyaqaqamba; iyabubula inhliziyo yami, anginakuthula, ngokuba umphefumulo wami uwuzwile umsindo wecilongo, kuhlatshwa umkhosi wempi.


Induna yabathenwa yabaqamba amagama; uDaniyeli yamqamba ngokuthi uBhelitheshazari, uHananiya waba nguShadiraki, uMishayeli waba nguMeshakhi, no-Azariya waba ngu-Abhedi Nego.


Inkosi yaphendula, yathi kuDaniyeli, ogama lakhe lalinguBhelitheshazari: “Ungangazisa iphupho engilibonileyo nencazelo yalo na?”


Wena nkosi uyinkosi yamakhosi onikwe umbuso, namandla, nodumo nguNkulunkulu wasezulwini.


Nansi-ke incazelo, nkosi: yisimemezelo soPhezukonke esehlele inkosi yami, inkosi,


ngokuba kwafunyanwa umoya odluleleyo, ukwazi, nokuqonda ukuchaza amaphupho, ukudalula izimfumbe, nokuqaqa amafindo kukuye uDaniyeli, lowo inkosi eyambiza ngokuthi nguBhelitheshazari; manje makabizwe uDaniyeli, uyakuyisho incazelo.”


“E, nkosi, uNkulunkulu oPhezukonke wanika uNebukhadinezari uyihlo umbuso, ubukhulu, udumo, nobukhosi.


Kepha ngenxa yobukhulu amnika bona, bonke abantu, izizwe, nezilimi bathuthumela, besaba phambi kwakhe; kwathi athanda ukumbulala wambulala, athanda ukumyeka wamyeka; athanda ukumphakamisa wamphakamisa, athanda ukumthobisa wamthobisa.


“Mina Daniyeli, umoya wami wakhathazeka edokodweni lawo, nemibono emqondweni wami yangihlupha.


“Nasi-ke isiphetho sendaba. Mina Daniyeli, imicabango yami yangikhathaza kakhulu, ubuso bami baphaphatheka, kodwa ngayigcina leyo ndaba enhliziyweni yami.”


Mina Daniyeli ngase ngiphela amandla, ngagula izinsuku ezithile; ngavuka, ngenza umsebenzi wenkosi; ngamangala ngombono, kwakungekho owuqondayo.


Izintaba zikubona qede ziyobayobe; isikhukhula siyadlula; izinzulu zizwakalise ukuhlokoma kwazo, ziphakamisele phezulu izandla zazo.


UHana waphendula wathi: “Hhayi, nkosi, ngingowesifazane ohluphekileyo; angiphuzanga wayini naphuzo olunamandla, kodwa bengithulula umphefumulo wami phambi kukaSimakade.


UDavide naye wasuka kamuva, waphuma emgedeni, wammemeza uSawule, wathi: “Nkosi yami, nkosi!” USawule wabheka emuva, uDavide wakhothama wathi mbo ngobuso, wakhuleka.


UDavide wambuza u-Abhineri wathi: “Kanti wena awusiye yini umuntu, ukhona yini onjengawe kwa-Israyeli na? Awuyiqaphanga ngani inkosi yakho, inkosi uSawule na? Kufike omunye wabantu ukuzobulala inkosi yakho, inkosi uSawule.


U-Eli wathi: “Ukhulume izwi elithini kuwe na? Ungangifihleli lutho; uNkulunkulu makenze kanjalo kuwe, enezele futhi, uma ungifihlela izwi elilodwa lakho konke lokho akukhulume kuwe.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka