Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 4:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Khona uDaniyeli ogama lakhe lalinguBeliteshasari wamangala isikhashana, imicabango yakhe yamesabisa. Inkosi yathatha yathi: “Beliteshasari, iphupho nencazo makungakwesabisi.” UBeliteshasari waphendula wathi: “Nkosi, iphupho malibe kwabakuzondayo, nencazo yalo kuzo izitha zakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

19 Khona lapho uDaniyeli, ogama lakhe nguBhelitheshazari, wamangala isikhashana, imicabango yakhe yamesabisa. Inkosi yathi: “Bhelitheshazari, iphupho nencazelo makungakwesabisi.” UBhelitheshazari waphendula, wathi: “Nkosi, iphupho malibe ngelabakuzondayo, nencazelo yalo ibe ngeyezitha zakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Khona uDaniyeli, ogama lakhe lalinguBeliteshasari, wamangala ihora elilodwa, nemicabango yakhe yamethusa. Inkosi yasikhuluma yathi: Belitshazari, iphupho kakungakhathazi. UBeliteshasari waphendula wathi: “Nkosi yami, iphupho lingelabakuzondayo, nencazelo yalo ngezitha zakho;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 4:19
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi kuyise: “Mayingathukutheli inkosi yami ukuthi anginakusukuma phambi kwakho, ngokuba indlela yabesifazane ikimi.” Wanyalula, kepha akazitholanga izithixo.


wothi: ‘Ngezenceku yakho uJakobe; kuyisipho esithunywa enkosini yami u-Esawu; bheka, naye uyeza, ungasemuva kwethu.’ ”


Wathi uJosefa kuye: “Nakho ukuchazwa kwalo: lawo magatsha amathathu ayizinsuku ezintathu;


U-Obadiya esendleleni, bheka, kwahlangana naye u-Eliya, wambona, wawa ngobuso, wathi: “Wena uyinkosi yami u-Eliya na?”


Nokho uma ubathethelela isono sabo; kepha uma ungabathetheleli, ake ungesule encwadini yakho oyilobileyo.”


Funani ukuthula komuzi lapho nginithumbele khona, niwukhulekele kuJehova, ngokuba ekuthuleni kwawo niyakuba nokuthula.”


Zibilini zami, zibilini zami, nginobuhlungu enhliziyweni yami; inhliziyo yami ikhala phakathi kwami, anginakuthula, ngokuba ulizwile, mphefumulo wami, izwi lecilongo, ukuhlatshwa komkhosi wempi.


Induna yabathenwa yabetha amagama; uDaniyeli yametha ngokuthi uBeliteshasari, noHananiya uShadiraki, noMishayeli uMeshaki, no-Azariya u-Abedi Nego.


Inkosi yaphendula, yathi kuDaniyeli, ogama lakhe lalinguBeliteshasari: “Ungangazisa iphupho engilibonileyo nencazo yalo na?”


Wena nkosi uyinkosi yamakhosi onikwe umbuso, namandla, nodumo nguNkulunkulu wasezulwini.


nansi incazelo, nkosi: kuyisimemezelo soPhezukonke esiyehlele inkosi yami, inkosi,


ngokuba kwafunyanwa umoya odluleleyo, nokwazi, nokuqonda ukuchaza amaphupho, nokubonakalisa izimfumbe, nokuthukulula amafindo kuye uDaniyeli lowo inkosi eyambiza ngokuthi uBeliteshasari; kalokhu makabizwe uDaniyeli, uyakubonakalisa incazelo.”


“E nkosi, uNkulunkulu oPhezukonke wanika uNebukadinesari uyihlo umbuso, nobukhulu, nodumo, nobukhosi;


ngenxa yobukhulu owamnika bona, bonke abantu, nezizwe, nezilimi bathuthumela, besaba phambi kwakhe; athanda ukumbulala wambulala, athanda ukumyeka wamyeka; athanda ukumphakamisa wamphakamisa, athanda ukumthobisa wamthobisa.


“Mina Daniyeli, umoya wami wakhathazeka edokodweni lawo, nemibono yekhanda lami yangihlupha.


“Nakhu ukuphela kwendaba. Mina Daniyeli, imicabango yami yangikhathaza kakhulu, nokucwebezela kwami kwaguquka kimi, kepha ngayigcina indaba enhliziyweni yami.”


Mina Daniyeli ngase ngiphela amandla, ngagula izinsuku ezithile; ngavuka, ngenza umsebenzi wenkosi; ngamangala ngombono, kwakungekho owuqondayo.


Izintaba ziyakubona, zithuthumele; isikhukhula samanzi siyadlula; utwa luzwakalisa izwi lalo, luphakamisela phezulu izandla zalo.


UHana waphendula wathi: “Hhayi, nkosi, ngingowesifazane ohluphekileyo; angiphuzanga iwayini naphuzo olunamandla, kepha bengithulula umphefumulo wami phambi kukaJehova.


Naye uDavide wasuka ngasemuva, waphuma emhumeni, wamemeza emva kukaSawule, ethi: “Nkosi yami, nkosi!” USawule wabheka emuva, uDavide wakhothamela phansi ngobuso, wakhuleka.


UDavide wathi ku-Abineri: “Awusiye umuntu okungekho onjengawe kwa-Israyeli na? Awulindanga ngani inkosi yakho, inkosi? Ngokuba kwafika omunye wabantu ukuyobulala inkosi yakho, inkosi.


Wathi: “Yintoni owayikhulumayo kuwe na? Ake ungayifihli kimi; uNkulunkulu makenze njalo kuwe, enezele futhi, uma ungifihlela izwi elilodwa lakho konke lokho owakukhuluma kuwe.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka