Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Obadiya 1:9 - IsiZulu 2020

9 Amaqhawe akho, Themani, ayakuthuthumela, ukuze kube yilowo nalowo abulawe ngokunqunywa entabeni yakwa-Esawu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Amaqhawe akho, Themani, ayakuphela amandla, ukuze yilowo nalowo anqunywe entabeni yakwa-Esawu ngokubulawa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Amaqhawe akho, Themani, ayakwethuka, ukuze zonke izintaba zakwa-Esawu zinqunywe ngokubulawa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Obadiya 1:9
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Amadodana ka-Elifazi kwakunguThemane, u-Omari, uZefo, uGathamu noKhenazi.


UJobhabhi wakhothama; uHushamu wakwaThemani wabusa esikhundleni sakhe.


Kwathi ukuba abangani abathathu bakaJobe bezwe ngakho konke okubi okwakumehlele, bafika njengokuvumelana kwabo ukuzomkhalela nokumduduza, yilowo nalowo esuka endaweni yakhe: u-Elifazi umThemani, uBhilidadi umShuhi, noZofari umNahama.


Ngakho-ke yizwani ngecebo likaSimakade; ngo-Edomi nalokho akuhlosile ngabakhileyo eThemani: impela abancinyane emhlanjini bayohudulwa basuswe, abhubhise amadlelo abo ngenxa yabo.


Bheka, uyakukhuphuka ashwize njengokhozi, ehle, elulele amaphiko akhe phezu kweBhozira. Izinhliziyo zamaqhawe akwa-Edomi ziyakufana nenhliziyo yowesifazane ohelelwayo.


Mayelana no-Edomi. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Akusekho yini ukuhlakanipha eThemani na? Sekuphelile yini ukweluleka kwabanokuqonda na? Ngabe ukuhlakanipha kwabo sekushabalele na?


Ngalokho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngiyakwelulela isandla sami ku-Edomi ngimelane naye, ngibulale abantu nezilwane, ngimenze abe yincithakalo kusukela eThemani kuze kube seDedani, bayakufa ngenkemba.


Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo eThemani, uyakungqongqisa izinqaba eBhozira.”


Onesibindi kumaqhawe uyakubaleka enqunu ngalolo lusuku,” kusho uSimakade.


Abahlengi bayakukhuphukela entabeni iZiyoni, babuse elezintaba kwa-Esawu. Umbuso uyakuba ngokaSimakade.


Uma uthelekelwa ngamasela, nabaphangi ebusuku, uyakuphundlwa kangakanani! Abayukweba yini bazanelise bona na? Uma abavuna izithelo zomvini begaleleka kuwe, abayukuwushiya yini umkhothozo na?


Bheka nje, abantu bakho onabo bangamanina. Amasango ezwe lakho avulekele izitha zakho, umlilo uyakungqongqisa imigoqo yakho.


UNkulunkulu uvela eThemani, oNgcwele uphuma entabeni iPharanu.Sela Inkazimulo yakhe isibekela amazulu, udumo lwakhe lugcwele umhlaba.


ningalwi nabo, ngokuba angiyukuninika izwe labo, ngisho nendawo yamathe onyawo, ngokuba iSeyiri ngalinika u-Esawu ukuba libe yifa lakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka